Izinhlobo ezintathu zezibonelo zoBaba

Three fold examples of Fathers

EBhayibhelini azikho izibonelo ezivelele ebungcweleni zokuba uBaba. Ngaphandle kukaJesu,eBhayibhelini ayikho indoda kumadoda asetshenziswa ngamandla nguNkulunkulu eyayiyiphelele ekulungeni, ngokudabukisayo ubuthaka bawo isikhathi esiningi babusobala kwindima yabo njengobaba. UAdamu wayenendodana ewumbulali uKhayina, uNowa waba noHamu owayengumhlambalazi; uLot waba namadodakazi akhohlakele ngokocansi; uDavide waba noAbsalomu oyimbuka.

Amadoda ayeyizibonelo ezinhle eBhayibhelini awanayo iminingwane esiqoshelwe yona yokuba ngobaba kwawo. Kodwa kuHezekeli, lapho umprofethi uIzaya epatanisa amagama amadoda angcwele emlandweni weBhayibheli, ukhetha uNowa, uDaniyeli, noJobe. Lamadoda womathathu ayisibonelo esihle sokulunga kulomprofethi kwisizukulwane sabo. Ngaleyondlela, bayizibonelo ezinhle zobaba abalangazelela ukudlala eyabo indima kwisizukulwane esilandelayo ukuba babe ngeminye yemithelela yokulunga.

UNowa kwaba nguyena kuphela umuntu uNkulunkulu amthola owayelungile emhlabeni ngesikhathi sakhe ( IGenesisi 6:7-9). BoBaba, lesi yisibonelo okumele ulangazelele ukuba njengaso! Kulolulwandle olungaka lobaba besikhathi sethu yiba yisiqhingi sokulunga kwindlela ophatha ngayo abantwana bakho.

UDaniyeli wayenabangani abathathu kuphela, kodwa wavelela emsebenzini wakhe wasemhlabeni njengomeluleki wezepolitiki kwidlanzana lamadoda amabi nangenabo ubunkulunkulu. Kukona konke ayekwenza, akazange awushaye indiva umkhuleko (uDaniyeli 6:10) noma ukufunda Izwi likaNkulunkulu (uDaniyeli 6:5).

UJobe unokuningi ukufundisa obaba. Ekucebeni nasosizini, yima uqine okholweni (Jobe 1:21-22). Uma uzovikela abantwana bakho ekungcoleni, qala uzivikele wena kukho (Jobe 31:1). “Bhekani, ukwesaba iNkosi kungukuhlakanipha; ukusuka enkohlakalweni kungukuqonda” (Jobe 28:28) amazwi esikhumbuzo sempilo kaJobe.

Ukuba ubaba oyisibonelo,
kumele ube yindoda eyisibonelo.

Scroll to Top