Abantu abafile abanabo ubuFakazi

Dead People Tell No Tales

Esentshenziswa njengendlela yokuzivikela bona ukuba bangampimpwa, izigebengu zithethelela ukubulala kwazo lowo okungenzeka uyimpimpi ngenkulumo ethi “abantu abafile abanabo ubufakazi”. Impela lokho kuyiqiniso: Abantu abafile abanakho ukukwazi ukukhuluma ngemisebenzi yakho emibi.

KwiHubo 30, iNkosi uDavide isebenzisa umqondo ofanayo wokuthi “abantu abafile abanabo ubufakazi”, kodwa ekusebenzisa ngendlela enhle. Kuyena akusisona isibusiso ukuthi abantu abafile abanabo ubufakazi. Kuyena lokho kuyinkinga enkulu.

“Kunanzuzoni ukufa kwami, lapho ngishona phansi egodini na? Ngabe uthuli luzokudumisa yini na?” Ngabe luzokhuluma ngokwethembeka kwakho na?

IHubo30:9

Kwizikhathi zokulahlekelwa yithemba isikhathi esiningi siyakuqaphela kakhulu ukuba nezinkinga bese silibala ngokuphelele wubuhle nokuthembeka kukaNkulunkulu. Ukufa kungenzeka kubukeke kuwumngani owamukelekile ngezikhathi zobunzima, kodwa akusiyona indlela leyo abaphilayo ekumele bacabange ngayo. Kulesosikhathi lapho uNkulunkulu esasilulela impilo, injongo yethu wuku-Mudumisa. Ngakho-ke njengoba IHubo 30 liqhubeka lichaza, uma nje sisaphila, akumele siqaphele kuphela izinkinga zethu, kodwa siqaphele nobuhle bukaNkulunkulu. Abaningi ayavaleka amehlo abo bangaboni ubuhle bukaNkulunkulu kangangokuthi badinga thina sikumemezele ngamazwi ukuze bakwazi ukububona. Yilapho sithola intuba yokudlala indima enhle. Ungakulangazeleli ukufa- kuzofika ngesikhathi esmiselwe kona. Kunalokho, inqobo nje uma usaphefumula, khuluma ngokuthembeka kukaNkulunkulu. Kwisikhathi sezibusiso, nikezela uNkulunkulu udumo. Kwisikhathi sokudangala, namathela kwinhlansi yaseZulwini ekhona kubona bonke ubumnyama.

Scroll to Top