Amacebo okuguga

Tips on getting older

Ukuguga akusikona okwabantu abalula. Ngebhadi, ubuthaka ngenye yezimpawu zokuguga. Ukucasula kwezinto zaloluhlobo kuyakhomba ukuthi iBhayibheli mhlawumbe linokuningi elingakusho ngalesisihloko. Impela, uNkulunkulu unokuningi akushoyo ngokuguga. Kungenziwa uhlu lwezintshumayelo ngalamavesi, kodwa okwanamhlanje, singathathisela imigomo esobala kuwona wonke amazwi kaNkulunkulu akhuluma ngokuguga.

( U-Jay Adams, uMeluleki oluleka ngokweZwi likaNkulunkulu ubhale incwadi ephelele ngokuguga, enikezelwe isihloko esihle esithi Wrinkled but not Ruined, ( Ngishwabene kodwa Angimoshekile)).

Izendlela zokuziphatha kahle ezinhlanu zokuhlonipha uNkulunkulu ekugugeni kwakho.

Ihubo 90:10 — Ukuthobeka: yamukela iqiniso lokuthi uyaguga
Ukuguga kuyiqiniso lalokhu kuphila kwabantu kwamanje. Singake silingwe ukuphikisana nokuba buthakathaka bese siqhubeka sizubuke ngokomqondo wobusha bethu, kodwa yilabo ababhekana ngqo neqiniso lokuguga abayilabo abakuhlaniphele ( I-Hubo 90:12).

Ihubo 119:100 — Ukuhlakanipha: funda iBhayibheli lakho namhlanje
Ukuguga akuhlezi kuchaza ukuthi uyakhula ngokuhlakanipha. Ukuze ube ngumuntu omdala ohlakaniphile ngelinye ilanga, kudinga ukuthi uqale ufunde iBhayibheli lakho namhlanje.

Izaga 16:21 neZaga 17:6 — Ukulunga:yibangongcwele kakhulu ekhaya lakho
Ukuguga kuyinto enhloniphekile kulabo ababe nomthelela wobungcwele emindenini yabo. Ngisho kukhona ongazange amesabe uNkulunkulu ebuncaneni bakhe, akukabi kude kakhulu ukuthi angashiya ifa lobungcwele kubazalwane ( kumaHebheru 11:11,22).

Umshumayeli 7:10 noMshumayeli 9:10 — Khuthala: Phila ngokukhuthala manje, hhayi kwisikhathi esidlulile
Izinhlungu, nokulahlekelwa, kanye nomzwangedwa kokuguga kungake kulinge labo abanganelisekile ngesimo sabo ngokuthi babuke emuva “lapho impilo yayisemnandi”. Kodwa, labo, okuthi noma beguga, baqhubeke bazame ukuthola ukuthi yini abangayenza, bazothokozisa uNkulunkulu kulokhu kuphila nakwimpilo ezayo ( buka isibonelo esihle sabesifazane abaningi abagugile abayiloluhlobo ku-1Thimothewu 5:9-10!).

KuThithu 2:2-3 — Ukuthembeka: shiya ifa lobuKhrestu obusezingeni eliphezulu

Ukuguga akusiyona imvume yokuthi wone. Kunalokho, njengalokhu umzimba wenyama ulahlekelwa ukuzilawula owawunakho ngaphambilini, isidingo sokuzithiba kwindlela yokuziphatha sibasikhulu kakhulu. Ukuguga kungaba yisizathu esihloniphekile sezinto zomzimba wenyama ezingajwayelekile, kodwa akukaze kwaba isizathu sokungaziphathi kahle kukamoya.

Ngisho kungabe uneminyaka eyi-18 noma eyisi-8, lezizindlela ezihlanu zokuziphatha kahle zigxishe ekucabangeni kwakho, ukuze lapho uNkulunkulu esibizela ekhaya ngamunye, kungaba usaneminyaka eyi-18 noma eyi-8, sitholakele sithembekile ( 1 ekaPhethro 1:7).

Scroll to Top