Christians who are not really Christians

Ngokungenje ngezikhathi zomlando webandla ezazigqame ngokuzingelwa, abandla ethu isikhathi esiningi aqukethe abantu abazishaya ukuba ngaMakhrestu, mhlawumbe futhi bavuthiwe ngaphezu kwabanye, kodwa abangesiwo Amakhrestu nhlobo. Singaba nobunye obukhulu namakholwa eqiniso avela kwizimpilo ngokwehlukana kwazo, kodwa yini esiyenzayo ngalawo ‘Makhrestu’ afundisa izinto ezingebona uBukhrestu, enza izinto ezingekho ngcwele, abanga uqhekeko phakathi kwamakholwa ngezinye izindaba ngaphandle nje kweQiniso noBunkulunkulu? Kwelinye isayidi babukeka bengabangalusekile, abangekho ngcwele, ababanga ukwahlukana, kodwa kwelinye, bafundisa ngesibindi, baphila ngenkululeko enkulu, babukeka benikuqonda ngendlela yokuthi asazi sicabange kanjani ngabo nokuba negalelo elididayo phezu kwebandla nesithunzi salo ezweni.

Zintathu izinto eziwunqamula juqu eMbhalweni thina njengamakholwa akuJesu Khristu esingazigcina ukuze sisuse ukudideka ‘ngaMakhrestu’ angesiwo ngampela Amakhrestu.

Isigaba sokuqala sokuhlukana okudingekayo isigaba sesifundiso samanga.

Ngiyanincenga, bazalwane, ukuba nibaqaphele abadala ukwahlukana nabaphazamisa imfundiso enafundiswa yona, nihlukane nabo,ngokuba abanjalo abayizo izikhonzi zeNkosi yethu uKhristu, kepha bakhonza isisu sabo; kuthi ngamazwi ashelelayo nathophayo badukise izinhliziyo zabangenacala.

KwabaseRoma 16:17-18

Uma omunye uMkhrestu efundisa into ngamandla engacisiwe futhi yafundiswa ngokugqamile eMbhalweni odluliselwe ngabaPhostoli bakaJesu, lapho-ke ungathuki. Yazi ukuthi abasiwo Amkhrestu. Bagweme.

Isigaba sesibili sokwehlukana okudingekayo isigaba sempilo engalungile.

 Kepha manje-ke nginibhalela ukuba ningazibandakayi nomuntu obizwa ngokuthi ungumzalwane, kodwa ebe eyisifebe, noma ohahayo, noma okhonza izithombe, noma othuka inhlamba, noma eyisidakwa, noma engumphangi; ningalokothi nidle nomuntu onjalo.Kambe nginandabani nokwehlulela abangaphandle na? Akusibo yini abangaphakathi okumele nibehlulele na?Kepha uNkulunkulu uyakubahlulela abangaphandle. Mxosheni-ke lo omubi phakathi kwenu.

1 kwabaseKhorinte 5:11-13

Amakhrestu ayaphenduka esonweni, ngakhoke uMkhrestu ozigqaja ngesono akasiye uMkhrestu wangempela. Zihlukanise nalabo abazishaya Amakhrestu, kodwa benze izaba baqondana nesono, banciphise ubukhulu baso, bazibe isono.

Isigaba sesithathu sokwehlukana okudingekayo isigaba sabantu ababanga ukwehlukana.

Gwema ‘Amakhrestu’ afundisa isifundiso samanga futhi hlukana namakhrestu akhuthaza ukungcola. Uma kukhona ‘uMkhrestu’ obanga ukwahlukana nanoma yingasiphi isizathu, hlukana nalowo futhi.

Mgweme umuntu odala ukwehlukana uma usumyale kanye nomakabili, wazi ukuthi lowo muntu uphambukile, uyona, futhi uzahlulela yena.

Thithu 3:10-11

Ungalahlwa unembeza noma uzizwe ungaphelele ngokukamoya ngenxa ‘yaMakhrestu’ abukeka enolwazi oluningi kune Bhayibheli noma angcwele ukwedlula uJesu. Uma ‘uMkhrestu’ ekholelwa ngokuqinile kwimibono yakhe engcono noma imikhuba yakho yempilo yena akholelwa ukuthi mibi, kodwa uMbhalo ungawafundisi empeleni lawomaQiniso noma uchithe leyondlela yokuphila, laphoke ungazihlanganisi nalowo muntu, wazi ukuthi uMkhrestu onjalo akasiye ngempela uMkhrestu.

Qhubeka ucacisa umehluko phakathi koMkhrestu nomuntu ongakholwa, bese uwenza ugqame nsukuzonke.

– C.H. Spurgeon