Amandla kaKhristu alabo abanganelisiwe yizimo zabo

Christ’s strength for the discontented

AbaseFiliphi 4:13 yivesi ngekwesiqiniseko eliphezulu ohlwini lamavesi athahtelwa eMbhalweni asentshenziswa ngokunge yona indlela yawo. Nansi incazelo efingqiwe yalokho okuyikona elikushoyo. Funda abaseFiliphi 4:10-20 ukuthola isithome esiphelele.

Ngakho-ke uvesi 13 uchaza ukuthi uPawuli wayekwazi ukwaneliseka ngaphansi kwezimo zonke, ezinhle noma ezimbi, ngoba uKhristu emphile amandla okwaneliseka. Okuyisona isithombe esiphelele la ukuthi uKhristu uyakhazimuliswa lapho Yena enikelela kwizidingo zikaPawuli ngebandla laseFiliphi, noma enikelela kwizidingo zabaseFiliphi ngenye indlela, noma enikelela ngesifundo sokwaneliseka esikhundleni sokunikelela ngalokho abakubona bona kuyisidingo sabo.

Thatha lamazwi alandelayo uwasebenzise kwezakho izimo, bese ufunda imfihlo uPawuli ayifunda.

Umnotho uyawa, enyuvesi izinhlelo zakhona ziyashintshwa, ifoni yami intshontshiwe, ngiphuphunyelwe yisisu, imoto yami ishayisiwe, impilo yami iyacikizela, (v12)…kodwa ngokwaneliseka ngizomethemba uNkulunkulu ngilokhu ngiqhubeka ngenza lokho okuyikona okulungile ngokomqondo ongcwele (v11), ngoba uKhristu uyangiqinisa mina (v13) ngezindlela lelizwe elingazazi, futhi uKhristu uzokhazinyuliswa ebufakazini bami (v20) ngendlela elinganayo ngisho kuthiwa uyaziguqula izimo ngesibusiso esikhulu (v19). Ngakho angidingi umphumela omuhle noma into elungile ezongikhulula, kodwa ngifuna ukuvuthwa ngokomoya (v17). Futhi ngokubheka kanjalo, uma kukhona oba yisibusiso kimi, ngizokwazisa ukuba nesihle kwabo bese ngiba kakhulu nokubonga (v10 &14)

Scroll to Top