Amaphutha eBhayibhelini?

Errors in the Bible?

Maduzane nje ngiphinde ngezwa omunye engimaziyo ephawula ngokuthi kunamaphutha eBhayibhelini. Akuzange kumthuse nakancane ukusho njalo, futhi waqhubeka ngisho nokuba nesimo sokukholelwa kulona iBhayibheli. Akasiyona ingxenye yeqeqebana elincane, ngoba abaningi abangakholwa kuNkulunkulu maqhakambisa umqondo wokuthi iBhayibheli liqukethe amaphutha amaningi, futhi ngokudabukisayo ngisho nabaningi abazibiza ngaMakhrestu banakho ukuthi bavumelane nabo.

Yize noma ngesiqiniseko kukhona okuthize okunzima ukukuqonda kulona iBhayibheli nokuthola kahle ukuthi yonke imininingwane elapho yakha muphi umqondo (ekungcineni, yincwadi endala), lokho kwenza libukeke engathi lezizimpikiswano ezikha phezulu yizona ezidumile. Nanka amanye ‘amaphutha’ avame ukuba abalulwe ukuthi aseBhayibhelini, kanye nawo kukhona nempendulo emfushane enikezelwe .

Ngakube babengu 24,000 abantu (UNumeri 25:9) abafa kubhubhane noma bawu-23,000 ( 1 Khorinte 10:8)? Okokuqala, ubhubhane okukhulunywa ngalo ku 1 KwabaseKhorinte 10 kungaba yilolo oluku Eksodusi 32, noma kulesi esinye isigameko esikuNumeri 25. Ku-Eksodusi 32, abantu abangu 3,000 babulawa ngenkemba (Eksodusi 32:27-28) futhi kungenzeka abanye abangu 20,000 bafa kubhubhane olulandelayo (Eksodusi 32:35). Uma u1 Khorinte 10 ngempela ukhuluma ngoNumeri 25, nalapho-ke futhi awunalo iphutha, ngoba u23,000 wafa ngosuku olulodwa ( 1 Khorinte 10:8) yize uma sebephelele abafa bewu 24,000. Kulula ukuqangela ukuthi yiphutha, kodwa lokho kuyokuba ukuqagela okuyiphutha. Kuthatha umsebenzi ukubona ukuthi uNkulunkulu uthini, futhi uma kunikezelwa imininingwane ethe ukuba mningi, lapho isithombe siya ngokuphelela kunokuba siye ngokuba sibhidlizwe.

Nali ‘iphutha’ elikabili: Ngakube uJesu welapha umuntu oyimpumputhe oyedwa vo ngesikhathi efika eJerikho ( Makhu 10:46 noLukha 18:35) noma ababili ngesikhathi esehamba eJerikho (Mathewu 20:29-34)? Ukubhalwa kwendaba kuMakhu akusho ukuthi umuntu oyedwa vo kodwa, njengoLukha, kudonsela amehlo ethu kulowo oze wabalulwa ngegama nguMakhu ngakho nguye ekugxilwe kuyena hhayi bona bobabili. UMathewu usinikezela imininingwane ethi ukuba ngaphezulu. Maqondana nokufika nokuhamba eJerikho, ukubheka isimo sendawo kufanelekile. Kwakukhona iJerikho langalesosikhathi bese kubakhona izinsalela zeJerikho eladibhika ezisabonakala namanje. Lezizindawo zombili zazingaqhelelene. UMathewu, umbhali weVangeli owanemqondo ogxile kubuJuda ugxila kwindawo yesakhiwo endala yezigameko ezidumile zeJerikho lakwi Testamente Elidala ngesikhathi uMakhu noLukha bekhuluma ngaleyo eyayaziwa kakhulu yizihambi ngalesosikhathi.

Kukona konke lokhu, ungalinge uqangele masinyane ubuqiniso bempikiswano ekha izinto phezulu. Kunalakho, phenqa kwelinye ivesi, funda ukuthi lithini, noma lokho elinga kusho, liqhathanise kwamanye amavesi kwezinye izahluko ukuhlanganise wenzela ukuthola isithombe esiphelele ngaphambi kokuthi uthi kunomehluko. UMoya oNgcwele akakwazi ukuqamba amanga (Numeri 23:19) noma akakazwi ukunikezela isambulo esingaphelele ( 2 KaPhethro 1:21)

izwi likaSimakade lihlanzekile (Every word of God proves true).

2 Samuweli22:31 andIHubo18:30 , Izaga30:5

Scroll to Top