Last words for this World
Incwadi yeSambulo yisambulo sokugcina esivela kuNkulunkulu esinikezelwe kithina eZwini Lakhe. Sisitshela ngokuphela kwalomhlaba. Sikhuluma ngesiphelo sabantu abagcwele ukona abaziphila ngokuvukela uNkulunkulu. Sikhuluma ngezenzo zokugcina zikaNkulunkulu elethe ubulungiswa obuphelele kulomhlaba. Yisambulo esigcwele izinto ezinzima ukuthi uziqonde, kodwa futhi ukufundeka kwayo incwadi ngokucace bha: Izinto zoba zimbi kakhulu kulomhlaba ozonda uNkulunkulu, kodwa uNkulunkulu uzokulungisa konke.
Kodwa empeleni yilamazwi okugcina kulencwadi evala uMbhalo okuyiwona akhuluma izinto ezinkulu kithina abamaziyo uNkulunkulu futhi abawaziyo amacebo Akhe ngalomhlaba. Iphela kanje lencwadi yeSambulo, indlela iZwi likaNkulunkulu elilotshiwe eliphetha ngayo indaba
Ofakaza ngalezizinto uthi: “Yebo, ngiyeza masinyane.”
Amen. Woza, Nkosi uJesu!
Umusa weNkosi yethu uJesu Khristu mawube nani nonke.Isambulo22:20-21
Akunandaba ukuthi kungabheda kangakanani, kunamaqiniso angashintshi maqondana nempilo.
- UJesu uyabuya futhi nguye Qobolwakhe oshilo
- Amakholwa akulangazelele kakhulu ukubuya Kwakhe.
- Umusa kaJes unathi sonke okwalesikhashana
Akukhathaleki ukuthi izimo zethu zingaba yisibhincongo kanjani, iNkosi yethu uJesu izofika. Phila nalokho kulangazelela usuku nosuku. Vuka njalo ngosuku, bheka esibhakabhakeni, bese ucabanga “Mhlawumbe namhlanje!” Uma usuyakolala njalo ebusuku thanda njengalokho kwathandaza uJohane, “Woza, Nkosi Jesu!” Osukwini lonke, phila ngamandla avela eNkosini uJesu lapho usathobeka ngokulalela kwintando Yakhe yengxenye yonke yosuku lwakho.
Njengalokhu ukuhlala ulindele ukufika kwesihlobo osithandayo kwenza ngisho nengane ekwaziyo ukubekezela ukuthi izaze, kodwa ukwenza izaba ngokwenza izinto ezithile endlini kwenza isikhathi sithi ukushesha, kanjalo ukukhathazeka kakhulu ngenxa yalomhlaba kusenza sizaze njengalokhu silindele ukufika kukaJesu, kodwa ukusebenzisa umusa kaJesu ukuphila ngaphansi kokuBukhosi Bakhe kwenza ukulindela kwethu kube kuhle futhi kugcwale nomdlandla.
Amazwi okugcina abhekiswe kulomhlaba ukuthi uJesu uyabuya; Kusho Yena Qobolwakhe kanjalo. Siphila ngetshiseko yokulindela ukufika Kwakhe. Umusa kaJesu unathi sonke okwamanje. Hallelujah, Amen!