Two kinds of Pastors
Umfundisi isihloko somsebenzi kunokuba yigama elisho isikhundla. Lichaza umuntu ophatha labo abangaphansi kokunakekela kwakhe njengomelusi kwizimvu zakhe. Kodwa, njengalokhu kukhona umelusi wezimvu omubi nomuhle, kanjalo kukhona abantu abangabefundisi ababi nabahle.
UHezekiya 34 usitshela ngohlobo olubili lwabefundisi usebenzisa isithombe sokuba umelusi. Ukukhathazeka komprofethi akukho ngezimvu, kodwa ngabantu.
Uhlobo olulodwa lomfundisi yilowo onakekela izidingo zakhe zenyama ngaphezulu kokuba enakekela izidingo zikamoya zalabo abanikezelwe ngaphansi kobuholi bakhe ( Hezekiya 34:2-3). Unendaba kakhulu ekukhangiseni esidlangalaleni ngobuhle bakhe kunokuba enendaba nalabo abanezidingo zokoqobo zikamoya zokuqiniswa, ukuphila, ukuqondisa abahamba emaphutheni, nokusiza ukubuyisela esimweni esifanele abanye (Hezekeli 34:4). Ngaleyondlela, kunamakholwa oqobo angenayo indlela eyisiqondiso, ukuvikeleka, umsoco ngokukamoya (Hezekeli 34:5-6).
Olunye uhlobo lomfundisi yilowo othanda abantu—ngendlela yokuthi uyaphuma yena qobolwakhe ayobabheka (Hezekeli 34:11-12). Unamaqiniso kamoya amaningi nendlela eqotho yokuwafundisa kulabo abawadingayo kakhulu ( Hezekeli 34:13-14). Ungumfundisi okwaziyo ukuletha ukuphumula kulabo abakubhekayo, futhi ubhekana nomuntu ngamunye ngangokwezidingo zakhe zikamoya ( Hezekeli 34:15-16).
Loluhlobo lokuqala lomfundisi lubi futhi lizokwahlulelwa nguNkulunkulu. Loluhlobo lwesibili lomfundisi yilolo oludlulisela ukunakekela kukaNkulunkulu kubangcwele bakaNkulunkulu ngokusebenzisa ukubakhonza kwakhe kokuba ngumfundisi.
Njengalokho abantu besikhathi sikaHezekeli kwafanela ukuba babhekisise phakathi kohlobo lobuholi bukamoya oluzobahola eminyakeni eyayizolandela, kanjalo nathi njengaMakhrestu sidinga ukubhekisisa phakathi kohlobo lwabafundisi esihlangabezana nalo. Bathande abefundisi abalingisa uKhristu emsebenzini wabo;dlalela kunde nabefundisi abenza umsebenzi wokukhonzisa ngendlela yabo nangokwezinhloso zabo.
