I am just so angry at__________

Ukudinelwa abanye kungaba ngezindlela eziningi. Kungaba ukufuthazela okuvutha kancane kodwa ilangabi lingakabibikho. Kungaba intukuthelo embi engalawuleki. Kungaba yinzondo ehleli izinzile. Kungaziveza qobolwakho ngokumemeza okungahleliwe noma amazwi ahlabayo ahlelelwe ukugwaza. Nanoma yingayiphi indlela, nanoma yisiphi isimo solaka onaso ngomunye, akusiyona imfihlo ukuthi kungenzeka esikhundleni sezinhloso ezinhle okungenzeka ubunazo ekuqaleni ngalowo muntu usuzishintshanise ngezinhloso ezikhombisa ukuthi khona okubi okuzokwenzeka. Yonke lenkulumo iyincazelo yegama negama elikwabase-Efesu 4:31.

Makususwe kini bonke ubumunyu, intukuthelo, ulaka, umsindo, ukuhlambalaza, nakho konke okubi.

Kwabase-Efesu 4:31

NjengaMakhrestu, kumele siphendule kanjani ngesikhathi “ngingave ngimudinelwe [igama lalowo okonile]”? Uma silulekwe ngendlela enobuhlakani nguNkulunkulu ukuba sikwazi ukuba siqhelelana nakho konke lokhu okungenhla, kumele senze njani uma sisazizwa simuthukuthelele lowo, kodwa singafuni ukuthi singene emsindweni ohlezi uhambiselana nentukuthelo yethu? Ukuthi “qhubeka ufunde” kuhlezi kuyisiqalo esihle, ngoba lelivesi elilandelayo liyasiphaphamisa lenzela ukusikhipha ekwenzeni izizathu zokuhlala sithukuthela, lisibuyisele endleleni yokuba sibenjengoJesu.

Maniphathane ngobumnene, nizwelane, nithethelelane, njengoba noNkulunkulu wanithethelela kuKhristu.

Kwabase-Efesu 4:32

Ngenxa yokuthi “ Ave ngimudinelwe u________”, ngimelwe ukuthola into “enhle” engingabenzela yona. Isihle sihlose okuhle okwenzelwa abanye. Isihle sinnjengamanzi emlilweni, njengamanzi afakwemlilweni enza kubenzima ukuba umlilo uqhubeke uvuthe. Ukukhombisa isihle kulowo okonile kuzokwenza wena ukuba uphuze ukuthukuthela (Izaga 15:18).

Ngenxa yokuthi “Ave ngimudinelwe u_________”, Ngidinga ukuba ngibe ngumuntu ozwelanayo kakhudlwana. Isenzo sobuhle singukuzenzisa uma kungekho ukuthamba kwenhliziyo. Umsindo wezwi ophansi uhlezi uba nesisindo kunomsindo ongalawuleki wephimbo eliphezulu. Wonke umuntu ongumenzi wokuthula onobuhlakani uyakufakazela lokhu (Izaga 15:1).

Ngenxa yokuthi “Ave ngimudinelwe u______”, Ngiyadinga masinyane ukubuyekeza konke lokho uJesu akwenza kimi njesenzo sokuxolela. Uma ngingasiboni isono esenziwe kimi ngokwesono sami engisenze kuJesu, ngizophuma endleleni bese ngizandisela izono kuJesu. Kodwa uma ngeqiniso ngingabona ukuthi nanoma yisiphi isono esenziwe kimi sinomphumela omncanyana kunowesono sami engisenze kuJesu—kodwa uJesu wangixolela lesosono—laphoke ngizokwazi, hhayi kuphela ukukhombisa isihle ngenhliziyo enozwela okwangempela, kodwa ngizokwazi ukugugula lentaba yokulahlwa yicala engifuna omunye umuntu ayizwe. Yilapho-ke ngizokwazi ukuzwa ilungelo lekhethelo lokuxolela ngaphezu “kwelungelo” engiziphe lona lokufuna ukufakazela ukuba ngoniwe.

Unganqotshwa ngokubi, kodwa nqoba okubi ngokuhle.

KwabaseRoma 12:21