Iziqalekiso ezihamba ngokwezizukulwane noma ngokwegazi ziyingxenye yokusabisa okuza nevangeli lamanga ukucindezela abaningi esikhathini sanamhlanje. Kanjalo futhi nomqondo owakhiwe yilabo okuthiwa izazi zokusebenza kwengqondo wokugxeka umama wakho noma umkhulu wakho ngenxa yezinkinga ezinhlobonhlobo ohlangabezana nazo.

Ngokubongekayo, uNkulunkulu weqiniso akasiye lowo ofuna impindiselo ngokungalungile- indlela Yena enza ngayo iphambene kunaleyo. UHezekeli 18 yisahluko esiphelele esiqondene ngqo nalezi zinsolo ezivela kubantu ukuthi uNkulunkulu uhluphekisa isizukulwane esimsulwa ngenxa yezono zesizukulwane esaba khona ngaphambi kwaleso. Nakhu okushiwo nguHezekeli 18…

Umphefumulo owonayo uyakufa

Hezekeli 18:4, 20 (IsiZulu 2020)

UNkulunkulu weqiniso akathokozi ngokujezisa abantu (Hezekeli 18:23). Akasoze aba ongaliungile ukuthi angenza umuntu olungile abhekane nokujeziswa ngenxa yezono zomuntu ongalungile (Hezekeli 18:20). Umphefumulo owonayo uyakufa, igazi lakhe liyakuba phezu kwakhe (Hezekeli 18:13).

Ngokufanayo, uNkulunkulu ngeke enzelele umuntu owonile ngoba nje uyindodana noma uyise womuntu olungile. Njengalokho umuntu ngamunye ejeziselwa izono zakhe, kanjalo umuntu ngamunye uphila ngokulunga okungokwakhe (Hezekeli 19:9).

Indodana ayiyukukuthwala ukona kukayise, noyise akayukukuthwala ukona kwendodana. Olungileyo uyakuphila ngokulunga, nowonayo uyakujeziselwa ukona kwakhe.

Hezekeli 18:20 (IsiZulu 2020)

Manje nansi indima enhle kakhulu.

Kwenzekalani kulowomuntu owenza kabi kodwa aphenduke ebubini bakhe bese enza okulungile? Ngakube izono zangaphambili engakaphenduki ziyakudlula ukulunga kwakhe ngemuva kokuphenduka ngangokuthi isiphetho ukujeziswa, noma ukulunga kunesisindo ngaphezu kwezono azenza engakaphenduki okuholela ekuphileni?

Noma, kwenzakalani ngomuntu olungile ophendukayo kukho ukulunga ukuba enze lokho okubi? ngakube izono zakhe asephendukele kuzo zinesisindo ngaphezu kokulunga kwakhe abenakho ekuqaleni, okuholela ekujezisweni, noma ukulunga abenakho ngaphambi kokuba ashintshe kunesisindo ngaphezu kwezono asezenza manje, lokho okuholela ekuphileni?

Impendulo ithi “ngokubili akunjalo”. Indaba ayikho phakathi kobubi bobubi, nobuhle bokulunga. Kunalokho ubunjalo noma uhlobo lokuphenduka okuyilo olukhomba ukuthi umphumela uzoba njani.

Labo abangabalungileyo bese bephenduka benze ububi, baya kulahlwa (Hezekeli 18:26).

Labo ababi bese bephenduka benze lokho okulungile bayakuphila (hezekeli 18:27).

Isizathu sokuthola kwababi umusa okanje, yingoba kwenzeke ukuphenduka kweqiniso kubona (Hezekeli 18:28).

Ngakho ke akumangazi ukuthi uHezekeli 18 aphethe ngalamazwi, asithintayo sonke.

Lahlani zonke iziphambeko zenu eniphambuke ngazo, nizenzele inhliziyo entsha nomoya omusha; uyakufelani wena ndlu ka-Israyeli na? Angikwenameli ukufa kofayo, ngakho-ke phendukani, niphile,” kusho iNkosi uSimakade.