Ukuthula yinto enhle kodwa ephuka kalula. Singakufanisa nokubambisana impahla enhle kodwa efa kalula, uma ike yangaphathwa kahle kulula ukuba iphunyeke iphahlazeke. Uma nje kuke kwabakhona ukunganaki okuncane, isikhathi sokuthula siyaphuka. Ukwenza uxolo, nokugcina kukhona ukuthula, kunzima.
Kulesimo sokwakha uxolo esidinga ukucophelela kangaka kunezinhlobo ezahlukene zabantu. Kubakhona labo abangabazenzisi. Benze engathi baxolile. Lokhu kuqale kuholele ekutheni umuntu aphike ubuqiniso besimo, bese kubekhona ukukhomba omunye njengonephutha, masinyane lokhu kungabanga umuntu ukuthi enze izinto ezingalungile ngoba enzela ukuzama ukukhohlwa yisimo kuphethe ngokuzibulala. Lendlela yokwenza, indlela yokuzifaka kwenkulu inkinga, etheswa umthwalo kubantu abaseduze nawe, abasala nosizi nokuthukuthela okungena kuphendulwa ngumuntu.
Bese kubakhona labo abangazwani nokuthula. Iningi likuleliqoqo labantu. Lesisenzo siholela ekutheni umuntu agcine esekhuluma amagama ahlabayo, esehleba, eselwa, esekhuluma izinto ezingekho ngomunye, ngemuva kwesikhathi kuphetha ngokubulala. Nalendlela, yindlela ekuholela kwinkinga enkulu bese kulimala nalabo abaseduzane nawe.
Incwadi ngokukaMathewu 5:9 imemezela ngesibusiso sasezulwini, hhayi kulabo abenza engathi banokuthula noma labo abangazwani nokuthula, kodwa kuphela kulabo abalamulayo.
Kwesinye isikhathi ukuthula kwakheka ngokuthi udlulise enhlizweni isenzo esibi esenziwe kuwe (IZaga 19:11; 1 ekaPhethro 4:8). Lokhu akusikona ukuphikisa ubuqiniso besimo, kodwa ukunquma ngokuthanda kwakho ukusibekela isenzo esinzima esenziwe ngomunye kuwe.
Enye indlela, ebaluleke kakhulu, yokwenza kubekhona ukuthula ngesikhathi sengxabano ukukhuluma. Hamba uye kumuntu okonile ngemuva kwesimo, yakha uxolo ubuyisane naye, buyisa ukuthula ( ngokaMathewu 18:15).
Kodwa ke, ngokujwayelekile ukudlulisa isimo kuthanda ukuba umqansi, noma ukuya kumuntu uyokhuluma naye kuphela kabi, noma kunjalo kodwa akulahlekile konke. Thola usizo kubantu abanobuhlakani nobunkulunkulu ( kwabaseGalathiya 6:1-2). Bavumele bakusize ukuthi uthande ngokwanele ngendlela yokuthi udlulise noma usibekele ngeqiniso, noma ukuthi ube nobuhlakani bokukwazi ukuthi ukhulume kanjani nalowo omunye umuntu okonile.
Ezimweni ezinzima kakhulu kuhlezi kusiza ukuba nomunye ozokubheka ukwenzela ukukusiza ukuthi unqobe lokho okuyindima edlalwa nguwe ekutheni ukuthula kungabibikho, nokubona isimo ngokwendlela esiyisona ngokweqiniso (ngokukaMathewu 7:1-5).
Ngamunye ngamunye wethu sinomsebenzi wokwenza ukuthula. Masingabi ngabawushaya indiva lomsebenzi woBukhrestu omkhulu kangaka nesibusiso sawo esikhulu.
Nibe mqondo munye, nicabangelane ngokufanayo; ningazikhukhumezi, kodwa zihlanganiseni nabathobekileyo. Ningazishayi abahlakaniphileyo. Ningaphindisi okubi ngokubi, khuthalelani ukwenza okuhle phambi kwabantu bonke. Uma kungenzeka, hlalani ngokuthula nabantu bonke
kwabaseRoma 12:16-18