Young people do more!
Ukukhuluma okuqondile kwesihloko esithi “Bantu abasha, yenzani okwengeziwe!” kungaba ukukhuthaza okunamandla, noma mhlawumpe kudinga kubekwe ngokuthi “Abantu abasha benza okwengeziwe” ukuze kube yinkulumo ekhombisa ukuqhaphela okwenzekayo eletha izincom kwintsha njengabantu abakwaziyo impela ukwenza okwengeziwe.
Ukuthi uyizwa njengokukhuthaza noma njengokuncoma, lokho ngezindlela eziningi kuncike kuwena. Noma kunjalo, kufanele kufakwe imicibilisholo engokweBhayibheli kulamagama athi “yenzani okwengeziwe” . Ukuthi “Bantu abasha, yenzani okwengeziwe!” akufanele kuyekelwe kanjalo bazibonele kodwa kufanele ngaso sonke isikhathi kumele kulawulwe wubungcwele.
Makungabi bikho muntu owedelela ubusha bakho, kodwa yiba yisibonelo kwabakholwayo ngokukhuluma, ngokuziphatha, ngothando, ngokukholwa nangokuhlanzeka.
1 KuThimothewu 4:12
Bantu abasha, yenzani okwengeziwe! Yibani ngaphezulu kwalokho eniyikho! Yibani yisibonelo, hhayi samandla nobusha kuphela, futhi hhayi sobuvila nobugovu, impela hhayi sodlame nokuhaha, kodwa yibani yisibonelo kwamanye Amakhrestu! Amadoda nabesifazane abesaba uNkulunkulu kakhulu phakathi kwenu mababone kini isibonelo esifanele ukulandelwa.
Lokho kungenzeka kanjani? Kona-ke, kuzofanele nenze okwengeziwe! Okuningi kakhulu! Ngaphezu kokwezwe, ngaphezu kokontanga yenu, nangaphezu kwalokho enikade nikwenza! Kodwa njengeseluleko esisebenzayo, qalani ngalezi zindawo ezinhlanu eziku-1 Thimothewu 4:12.
Yenzani okwengeziwe ekubeni yisibonelo kwindlela enikhuluma ngayo. Khulumani ngokucacile, ngeqiniso, nangobumnene. Yibani yisibonelo sendoda noma sowesifazane okwazi ukukhuluma ngesibindi futhi akhulume kahle.
Yenzani okwengeziwe ekubeni yisibonelo kwindlela yokuziphatha. Ngezikhathi zonke ziphatheni ngokuzithiba. Yazini ukuthi yikuphi ukushisekela okuholela ekuziphatheni okungamesabi uNkulunkulu bese nizikuguqula lokho kushisekela. Yazini futhi ukuthi yiziphi izimilo zenu ezenza niqhelelane nabanye noma ezibacasulayo abanye, nokuthi yiziphi izimfanelo zesimilo ezinhle enifisa kube yizona ezichaza ubuntu nesimilo sakho ngesikhathi lapho usumdala.
Yenzani okwengeziwe ekubeni yisibonelo sendlela yokuthanda. Yibani nomusa. Yibani wusizo. Ningagijimeli phambili ezifisweni zenu ningacabanganga ngomthelela lokho okunawo kwabanye. Makusuke kinina futhi nisebenze ngaphandle kokudinga ukukhunjuzwa, ukubhekwa, noma ukulandelwa njalo. Fikani esontweni kusenesikhathi ukuze nje nenze umsebenzi wabanye ube lula. Yibani nesineke futhi nicabangele abanye. Ningabi nenzondo, kodwa yibani ngabaxolelayo kakhulu.
Yenzani okwengeziwe ekubeni yisibonelo sendlela yokukholwa. Chazani ngokucacile izinkolelo zenu zokomoya—kokubili lokho enizokukholwa kanye nemikhuba yokomoya enizoyenza. Fundani futhi nithandaze ngenhloso nsuku zonke. Yibani nokukwazi ukuchaza umlayezo weVangeli ngokucacile. Qalani ukufunda izincwadi ze-Systematic Theology. Guqulani izingxoxo ezingasho lutho zasemhlabeni zibe izingxoxo zokomoya nezokukhuthazana.
Yenzani okwengeziwe ekubeni yisibonelo sendlela yokuba ngcwele. Yazini okulungile nokungalungile, okuhlakaniphile nokuwubuwula. Ningagcini nje ngokufuna ukulalela imithetho ngendlela encane yokwanelisa, kodwa futhi yibani ngabantu abaziphethe kahle, abangcwele nabamesabayo uNkulunkulu. Yibani msulwa ngokokuziphatha futhi nibeqotho. Vumani lapho nenze okuphambene. Qaphelani umthelela ontanga yenu abanawo kinini. Yibano nomthelela kwabanye ukuze baphile ngobungcwele.
Lezi zigaba ezinhlanu eziku-1 Thimothewu 4:12 ziyizindawo okufanele niqale kuzo ukwenza okwengeziwe njengabantu abasha. Ngemininingwane engaphansi kwesigaba ngasinye, qalani ukufunda incwadi yeZaga, bese niphawula amavesi angena ngaphansi kwesigaba ngasinye (Ukunicebisa: “ukukholwa” noma “ukholo” kubizwa ngokuthi “ukwesaba iNkosi” encwadini yeZaga).
Nsizwa esencane, Ntombazane esencane, yenza okwengeziwe!
