Bheka phezulu, Mzalwane, isibhakabhaka esingaphezulu kwekhada lakho asikhonela nje ukubamba zigcine izinto ezithile ezakha umhlaba zisendaweni yazo ukuze thina siphile. Isibhakabhaka esiphezulu sinezinhloso zikamoya futhi. Siyadinga ukuhlala hlale sibheke phezulu.
Mhlawumbe okuyisona isizathu esisobala sesibhakabhaka esingaphezu kwethu ngokwesifundiso ngoNkulunkulu , ukusikhumbuza ukuthi Nguye uNkulunkulu wethu Ongumdali.
Amazulu alanda ngenkazimulo kaNkulunkulu, umkhathi umemezela ngomsebenzi wezandla zakhe
Amahubo 19:1
UNkulunkulu udale zonke izinto. Wenzile isibhakabhaka esiphezulu nazozonke izinto ezimangalisayo zezesayensi ukuba zibe umbhobho ngoMdali omangalisayo. Ngisho ngabe awazi lutho ngezinto ezihlanganisiwe ukuba kwakheke isibhakabhaka, kodwa kuyamangalisa ukusibuka. Sibaluhlaza ngezinye izikhathi, kubekhona ilanga kuphela elidlulayo, kwenyinkathi sibemnyama kuvele izinkanyezi ezisabalele kusona. Sinomoya namafu . kwezinye izikhathi simnyama kakhulu sigqunqe, bese sithi ukukhanya ngokuphazimayo umzuzwana. Isibhakabhaka singusonzululwazi wemisebenzi wezandla zikaNkulunkulu.
Kodwa kunesinye isizathu ngokwesifundo ngoNkulunkulu sokuthi ubheke phezulu esibhakabhakeni ngokuphindelela. Kusesibhakabhakeni lapho INkosi yethu uJesu iyoqhamuka khona ngelinye ilanga.
Uyawakhumbula amazwi ezingelosi ngemuva kokuba uJesu eye wathi sithe esibhakabhakeni?
athi: “Madoda aseGalile, nimeleni nigqolozele ezulwini na? UJesu lo, osuswe kini wenyuselwa ezulwini, uyakubuya kanjalo, njengalokhu nimbonile eya ezulwini.
IZenzo 1:11
Namhlanje bheka phezulu wenzele ukudumisa uNkulunkulu ngomsebenzi wezandla Zakhe, futhi bheka phezulu namhlanje ukuthembela kuNkulunkulu ngokubuya kweNdodana Yakhe