Ubukrestu iyona kuphela inkolo elungisa ubudlelwano bethu obuphukile noNkulunkulu (Johane 14:6).
Ekuqaleni, lapho uNkulunkulu edala yonke into, uNkulunkulu wenza nabantu bokuqala ababili, uAdamu noEva (Genesisi 1:27). Babe nobudlelwano obuhle kakhulu noNkulunkulu, Umdali wabo.
Kodwa ke, bakhetha ukungamlaleli uNkulunkulu. UNkulunkulu, EnguNkulunkulu olungile, wabajezisa ngenxa yesono sabo (Genesisi 3). Njengoba uAdamu noEva benza isono, wonke umuntu, kubalwa nawe nami, wonile (Roma 3:23). Ubudlelwano bethu noNkulunkulu buphukile. Sonke siyakufa ngelinye ilanga, bese sima phambi kukaNkulunkulu ukuba sahlulelwe (Hebheru 9:27). Ngenxa yezono zethu siyophoswa echibini lomlilo ingunaphakade. (Mathewu 25:41)
UNkulunkulu ngenxa yomusa Wakhe omkhulu, Wenzile indlela ukuze ubudlelwano bethu Naye buzo vuselelwa bulunge.
UNkulunkulu wathumela Indodana Yakhe, uJesu, ukuzofela izono zethu. Isono sijeziseka ngokufa kwaphakade (Roma 6:23), kodwa uJesu, ongazange enze isono, walihlawula icala lethu. Izwi likaNkulunkulu elibhaliwe, iBhayibheli, lithi ngaphandle kokuchitheka kwegazi, ayikho inhlawulo yezono. (Hebheru 9:22) kungakho uJesu abethelwa. Igazi Lakhe lagobhoza ukuze libe inhlawulo yezono zethu. UJesu, ngokufa Kwakhe, wenza ukuba ibekhona indlela yokuba mina nawe sibuyiselwe kuMdali wethu (2 Khorinte 5:21). Ubutha bethu kuNkulunkulu ngenxa yezono zethu, bungaphendulwa ukuba sibenoNkulunkulu njengoBaba wethu ngokomoya. UJesu nguye yedwa owenza kube khona ukubuyisana phakathi kwabantu noNkulunkulu ( 1 Thimothewu 2:5).
Ukufa kukaJesu akuvele kwenze kubekhona ukubuyiselwa esimweni kobudlelwano bethu noNkulunkulu kanjalo nje. Kumele sikholwe ukuthi uNkulunkulu uthumelile uJesu ukuba azofela izono zethu, simelwe sivume ngesiqiniseko ukuthi uJesu unguMsindisi wethu (Roma 10:9-10).
Singasindiswa kwichibi lomlilo laphakade kuphela uma sibona ukuthi siyizoni ngokwemvelo, sibone ukuthi ngeke sikwazi ukuzisindisa, bese sicela uJesu ukuba asixolele izono zethu bese esibuyisela kuNkulunkulu ( 1Johane 1:8-9).
UJesu uthembisile ukuthi ngeke akunqabele uma Umcela ukuthi Akuxolele izono zakho bese Ekubuyisela kuNkulunkulu. Ukuphila impilo ngokwenqubo kaNkulunkulu akuzohlezi kulula, kodwa uNkulunkulu uthembisile kwiBhayibheli ukuthi Uzothumela kuwe Umoya Ongcwele Wakhe ukukuqinisa (Johane 14:15-16). Kubukisise ngeso elibanzi ukuba nguMkrestu, kodwa ungasishayi indiva lesisixwayiso. IBhayibheli lithi kumiselwe ukuba umuntu afe kanye emva kwalokho kube ngukwahlulelwa (Hebheru 9:27)
Buyisana noNkulunkulu. Zitholele iBhayibheli bese uyalifunda, lonke. Bese uthola ibandla elishumayela iBhayibheli, bese ufunda ukukhonza uJesu Khristu.
___
Lona ngenye yemiyalezo yemibhalo ongayi-printa ibe ephepheni ukuze uzokwazi ukuyabela nabanye.