Inkondlo ngoJesu

A Poem about Jesus Kungenzeka ukuthi ayihleliwe ngokwesimo senkondlo okungenzeka sisijwayele, kodwa lena yinkondlo edumile kakhulu ngeNkosi yethu uJesu. Khumbula ukuba uJesu ubengesiye kumphela umntwana osemkhombeni noma indoda eyayisesiphambanweni, kodwa wayeyiNkosi yeZulu noMhlaba- wayehlezi eyiyo, futhi uyohlezi eyiyo. Yona ingumfanekiso kaNkulunkulu ongabonwayo,iyizibulo lakho konke okudaliweyo,ngokuba konke kwadalwa ngayo;okusezulwini nokusemhlabeni, okubonwayo

Imuva lami linezikhathi ezimbi

My past has some dark moments Wonke umuntu ophilayo manje unemuva. Imuva lethu linezikhathi ezinhle futhi nezikhathi ezimbi. Kodwa ngelishwa, iningi lethu libhekane kakhulu nezikhathi ezinzima. Siyambonga uNkulunkulu ukuthi umusa Wakhe ubhekana ngempumelelo nazozonke izikhathi zethu zobumnyama Ngenxa yomusa kaNkulunkulu osindisayo, ohlanzayo nophilisayo, imuva lethu alinqumi imanje lethu. Imiphumela yezono

Ukuba wumzali kufingqwe ngemithetho emibili

Parenting summed up in two Commands Ngokwencwadi u-IDutherenomi 6:5-7, zimbili kuphela izithako ezilula ezidingakalayo ukuba ube nomthelela obonisa uNkulunkulu kumntwana wakho: 1) Yiba nobunkulunkulu wena qobolwakho, okwe-2) Fundisa umntwana wakho ukuba nobunkulunkulu. Okokuqala, yiba nobunkulunkulu wena qobolwakho. Mthande uSimakade uNkulunkulu wakho, ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo

Umshado: Ubungani Bekhethelo

Marriage: Specialised Friendship Lelizwe likufundisa ukuthi uzinake wena, bheka lokhu okuwu namba #1– thatha ama-selfie akwenza ubukeke kahle, ukhethe abangani abakwenza ujabule, ushayele izimoto ezikwenza uzizwe uphumelele—lendlela eyalelizwe Kodwa umshado wenzelwa ukwenza ubungani bube obekhethelo. Umshado uhlelelwe ukunqoba ukuzinaka wena wedwa kokuzifunela izinto ezibeka wena phambili, ukuzazi wena, ukuzicabangela wena

Izindlela ezimbili zokuphila

Two ways to live Ihubo 1 lingelithandwayo ngezindlela eziningi. Njengelibekwe phambili kwincwadi yaMahubo, lisebenza njengeliqukethe umhlahlandlela wawowonke Amahubo, linikezela ngesinqumo sendlela ngaphambi kokuba uqale uhambo oluya kulezincwadi ezibuthelwe ndawonye zaMahubo. Ihubo 1 linikezela ukuhlakanipha kwizindlela ezimbili ezikhona umuntu ngamunye angakhetha kuzona ukuthi aphile kanjani kulempilo. Eyodwa indlela ithembisa isibusiso, bese

Izivivinyo zokukholwa: hhayi ukuDalula, kodwa ukuFakazela

Faith Tests: Not to Expose, but to Confirm Uma ngisakhumbula kahle, “izivivinyo” zazenzelwe ukuveza amaphutha. Isizathu sezivivinyo zesibizelo kwakungukukhombisa amagama ogawazi. Isizathu sezivivinyo zeMaths kwakungukukhombisa wena izibalo ongakwazi ukuziqeda. Izivivinyo zokuphila komzimba kwakungezoku veza lapho ubuthaka khona umzimba. Izivivinyo zesimilo kwakungezoku bheka ukuthi yini edinga ukulungiswa. Izivivinyo zazingathandwa, futhi izivivinyo

Ukwakhiwa koMuntu

The make-up of a human being IBhayibheli lisebenzisa amatemu amaningi ukuchaza isidalwa esingumuntu. Lawo ajwayelekile ilawa, umzimba, ingqondo, umoya, umphefumulo, nenhliziyo. Umzimba ingxenye yomuntu esingayithinta ngezandla, ile-engaphandle, ebonakalayo. Inyama yethu. Ayinakho ubuhle noma ububi ngokungokwayo. Ingeyesikhashana njengalokhu izakubuyela othulini lapho sifa (IHubo 104:29; UMshumayeli 3:20). Kodwa, iyingxenye ebalulekile yokuba umuntu,

UNkulunkulu uyamangalisa ekwalulekeni

God is wonderful in counsel Siyazi ukuthi uNkulunkulu “unguMeluleki Omangalisayo” (Izaya 9:6), kodwa sivame ukuthi sikuthathe lokho ukuthi kube yiqiniso likamoya elisinika indunduzo kunokuthi sikuthathe njengobizo lokuthi silalele silandele ukuyalela Kwakhe. Mhlawumbe incazelo enhle yokuhlakanipha nokuleleka kukaNkulunkulu yile: Ngohlobo lukaNkulunkulu onje, asitholi kuphela ukududuzeka okukhulu, kodwa siphakamisa isandla sethu ukumbuza

Ngakube sinezincwadi okuyizona zona kumaBhayibheli ethu?

Do we have the right books in our Bibles? I-aercheology– ukufunda ngomlando wabantu ngokuthi kumbiwe kuleyondawo ababehlala kuyo besekucutshungulwa izinto ezinjengama thuluzi, izitsha nokunye okutholakala kuyo ukuthola ukuthi babephila kanjani.lezizinto zicutshungulwa kulandelwa imigomo yesayensi. Apocrypha– imibhalo ethandabuzekayo noma okukhona ukungabaza uma kuziwa kulokho ekuqukethe. Canon of Scripture– Imibhalo ephuma emlonyeni

Konke ukuphenduka kunodaba olubabazisayo

Every conversion has a dramatic story Usake wazigqaja ngokubabazisa kobunjalo bendlela owaphenduka ngayo? Noma mhlawumbe okuhlukile kunalokho, usake wafisa ukubabazisa kodaba lokuphenduka komunye umuntu owaphenduka kade ephila impilo enobubi obukhulu? Sijwayele ukukala ukubabazisa kobunjalo bendlela yokuphenduka ngokokubukeka kwezinto umuntu adlule kuzona zamholela ekuphendukeni bese siyalibala ukuthi konke ukuphenduka kuyababazisa ngenxa