Exactly what is God all in control of
Ubunkulunkulu bukaNkulunkulu buyincazelo eyanele yokuba yilowo obusayo, kodwa uNkulunkulu ophilayo weqiniso akasiye kuphela unkulunkulu onezindawana ezithile azengamele. UNkulunkulu ulawula yonke into qobo.
Inkulumo eqondile yalokho iHubo 115:3
UNkulunkulu wethu usezulwini;
Wenza konke ngokuthanda kwakhe.IHubo115:3
UNkulunkulu ukhombisa ngobufakazi ukulawula Kwakhe okwengamele phezu kukaSathane (uJobe 1:6-12; uJobe 2:1-7), phezu kohulumeni (Daniyeli 4:1-3; Daniyeli 4:28-27), phezu kweMvelo ebonakalayo ngamehlo (Izaya 40:25-26, ngingakabali izimangalingiso), phezu kokuthi yisiphi isikhathi ozophila ngaso, uzohlala kuphi, nokuthi uzophila isikhathi esingakanani (IZenzo 17:26), naphezu kwezindaba zempilo yakho zonke ( iHubo 139:13-16). Ngisho nobubi obukhona bubhuntshiswa nguNkulunkulu ukuphumelelisa izinhloso Zakhe ( Genesisi 50:20).
Ngakho-ke, uma ngabe uNkulunkulu ngokusobala elawula izinto ezinkulu empilweni ngisho nemininingwane emincane, masingasabi, masingabi nokukhathazeka, kodwa masilethe yonke into kuNkulunkulu ngomkhuleko, sithokoza ngokuthi uNkulunkulu uzofakazela abalungile nokuthi Yena uzokwahluelela ababi (Lukha 12:7)
