Funda iBhayibheli lakho, bese uyaKhuleka nsukuzonke

Read your Bible, and Pray everyday

Ingoma kaSonto S’kole ethi, “Funda iBhayibheli Lakho, Thandaza Nsuku Zonke,” igcizelela iqiniso eliyisisekelo ngoBukhrestu, njengoba nje o-ABC beyisisekelo solimi.

Funda iBhayibheli lakho, thandaza nsuku zonke,

Thandaza nsuku zonke, thandaza nsuku zonke.

Funda iBhayibheli lakho, thandaza nsuku zonke,

Uzokhula, ukhule, ukhule.

Uzokhula, ukhule, ukhule.

Uzokhu-u-u-la, ukhule.

Funda iBhayibheli lakho, thandaza nsuku zonke,

Uzokhula, ukhule, ukhule.

Usuke walifunda iBhayibheli lakho namhlanje? Usuke wakhuleka?

Uma ufuna ukulandela uhlelo oluthile lokufunda iBhayibheli, bheka iziqondiso ezingakusiza ekhasini leZinsiza. Okubalulekile akusikho ukufunda inani elithile lamavesi noma ukuchitha isikhathi esithile ufunda, kodwa ukufunda iBhayibheli njalo. Ngakho-ke thatha iBhayibheli lakho, ulifunde, bese uphawula lapho ugcine khona ukuze kusasa uqhubeke lapho ugcine khona. INkosi isikhulumile: Thina simelwe ukulifunda!

Uma udinga usizo ekuthandazeni, qala ngezinto eziyisisekelo—tshela iNkosi zonke izinkathazo zakho nezikukhathazayo. Hamba emihlanganweni yomkhuleko yebandla. Ekuqaleni ungathandaza buthule enhliziyweni yakho, kodwa ngemva kokuhambela imihlangano embalwa, hlanganyela emthandazweni wasesidlangalaleni. INkosi iyezwa, INkosi inendaba, futhi uzokhula.

Scroll to Top