Study the Old Testament
NjengaMakhrestu asikho ngaphansi kweSivumelwano seTestamente Elidala kunye noIsrayeli kanye nakho konke okuhambisana naso.
Kodwa nomakunjalo, ingxenye eningi yeTestamente Elidala (kusuka kuEksodusi kuya kuMalakhi) ibhalwe ngokomongo waso lesoSivumelwano futhi isasebenza ukuba wusizo nakithina ( 2 Thimothewu; 1 Khrointe 10:11).
Nalu uhlu lwezizathu zokuthi kungani wena, njengoMkhrestu, kumele uzimisele ekufundeni iTestamente Elidala.
- Ukuqonda isimilo sikaNkulunkulu kangcono (ubungcwele)
- Ukuqonda ukuthi yini edingakalayo maqondana nensindiso (isihawu)
- Ukuqonda ukuthi yini eveza ubunjalo bempilo yekholwa langempela (uthando nokuthobeka ngokulalela)
- Ukuqonda amaqiniso nomqondo wezinto ezikwiTestamente Elisha (uKhristu njenge ‘wundlu’, umhlatshelo, ulaka lukaNkulunkulu, ukushintshaniswa, uthando oluphathekayo olubhekiswe kumakhelwane)
- Ukuqonda lokho okungekho eMthethweni kaMose kodwa ukusindisa okuyisidingo kweSivumelwano Esisha (ukwenza lokho ngisho neSivumelwano sikaMose esingakwazanga ukukukwenza)
- Ukubona izibonelo zoqobo zalokho okukhulunywe ngakho kancane kwiTestamente Elisha
- Ukudalula imigomo yempilo lapho iTestmente Elisha lingenawo umthetho eliwumisile. (Imigomo emisiwe yokuziphatha kanye nendlela yokuziphatha komuntu okukwiTestamente Elidala: isibonelo_ukuhushulwa kwesisu)
- Qinisekisa ukuthi umgomo lowo uvezizwe kumbhalo weTestamente Elidala
- Qinisekisa ukuthi umgomo omiselwe izikhathi zezizikulwane zonke ( okuwukuthi, akusiwo owesikompilo labo noma lakho), futhi ufanelekile kuzona zonke (uyangena kwisikompilo lesikhathi sakho nesabo)
- Qinisekisa ukuthi kuyambelana neSifundiso seBhayibheli lonke
Yiba semathandweni noNkulunkulu ngokomusa nangokuphelele kangaka Ozambulile Qobolwakho kithina!
Nakuba yikuphi okwakulotshwe phambilini, kwalotshelwa ukuba kusifundise ukuthi ngokubekezela nangokugqugquzelwa yimibhalo, sibe nethemba.
KwabaseRoma15:4
Lezo zinto zenzeka kulabo ukuze zibe yisibonelo, ngokuba zilotshiwe ukusiyala thina, osekufike kithi izikhathi zokugcina. ‘
1 KwabaseKhorinte 10:11
