Lapho abafundi becela uJesu ukuba abafundisi ukukhuleka, Akazange abafundisi ngomkhuleko, kodwa kunalokho wabanika umkhuleko ukuze baqale bakhuleke.

Ngelinye ilanga uJesu eseqedile ukukhuleka endaweni ethile, omunye wabafundi bakhe weza kuye, wathi: “Nkosi, sifundise ukukhuleka, njengokuba noJohane wabafundisa abafundi bakhe.”

Wayesethi kubo: “Uma nikhuleka, anothi:

“ ‘Baba,

malingcweliswe igama lakho;

mawufike umbuso wakho;

siphe namuhla isinkwa sethu

semihla ngemihla;

sithethelele izono zethu,

njengokuba nathi sibathethelela bonke abanecala kithi;

ungasingenisi ekulingweni.’ ”

ngokukaLukha 11:1-4

Selokhu kwabakhona ukuzalwa kabusha, amakholwa ngokomuzwa ayakwazi ukukhuleka, ngasikhathi sinye futhi iningi lethu alikakazizwa kahle uma sicelwa ukuba sikhuleke nabanye abazalwane. Yilapho ke la isifundiso sikaJesu sokuthi kukhulekwa kanjani esiwusizo khona kakhulu.

Ufunda ukukhuleka ngokuba lapho kukhulekwa khona. Lapho ubeka indlebe yakho bese unanela ngo’Amen” ngesikhathi semikhuleko yalabo abahola isikhathi sokukhonza ezinkonzweni zeBandla, lapho uhamba uyohlanganyela kuyona yonke imihlangano yokukhuleka uyela nje ukuyolalela imikhuleko yabazalwane, lapho ushesha ukuba phakathi kwalabo abangabakhuleki ngisho wena ungeke uphimisele, yilapho ke la ufunda khona ukukhuleka.

Into eyodwa ozoyifunda kwimikhuleko yalabo esebevuthiwe, wukuthi imikhuleko yabo ayigqamiswa kahle hle amagama akhethwe kahle ngokuqaphelisisa, noma uhlu olude lwezinto. Kunalokho, njengomkhuleko wokuqala wokuphenduka, ukukhuleka ukuthulula inhliziyo yakho kuNkulunkulu. Uma kusenhlizweni yakho, laphoke kufanelwe kube semukhulekweni wakho ( Amahubo 62:8).


Uma uzwa ubuhle bukaNkulunkulu, laphoke kubale emkhulekweni wakho ( Amahubo 75:1).

Uma ukhathazeka ngakho, lapho kufake emkhulekweni wakho ( kwabaseFiliphi 4:6).

Uma udangele ngenxa yento ethile, laphoke kufake emkhulekweni wakho ( 1 Samuweli 1:10).

Uma wonile, laphoke kudalulule emkhulekweni wakho ( Amahubo 32:5).
Uma uhlupheka, udingile, ungaphansi kwengcindezi, laphoke umelwe ukukusho emikhulekweni yakho ( Amahubo 34:6).

Uhlu alinakho ukuphela. Uma kukhona into okuthile enhlizweni yakho, laphoke ufanelwe ukukufaka emikhulekweni yakho. Yilokho okufundayo ngokuba phakathi kwalabo asebekhulile ekukholweni lapho bekhuleka. Ngosuku oluthile iNkosi iyokwenza enye yabantwana bayo abasokhula ukuba balalele imikhuleko yakho bese ifunde ukuthi kukhulekwa kanjani.