Formulate a Biblical response to being criticised
Ukugcweliswa ( indlela uMkhrestu abangayo ngcwele) kunezitebhu ezintathu (Efesu 4:21-24 nabaseRoma 12:1-2):
- YEKA – Bona isono bese uyasiyeka
- GUQULWA emoyeni wengqondo – Cabanga ngomqondo ogcwele iBhayibheli, ngesono nalokho ekumele kube sesikhundleni saso.
- QALA– Khetha okulungile okumele ukwenze esikhundleni sokona bese wenza lokho kwisikhathi esilandelayo lapho ulingwa.
Ake lokhu sikusebenzise esimweni sokulingwa ukuthi usho uphinde ucabange impendulo enamazwi alimazayo lapho ugxekwa ngomunye umuntu. Nali uhlu lezimpendulo esivame ukuba nazo uma sigxekwa. Iyiphi ovame ukuyisebenzisa? Yimiphi imicabango engqondweni yakho enikezela ukuphendula okukanje okwenza ngaphandle kokunanaza?
- Ukuphendula A: “Oh ungigxekela ukuthi ngiyacabanga?”
- Ukuphendula B: “Uma ngiwudinga umbono wakho ngizowucela.”
- Ukuphendula C: “Oh wena uwucwepheshe wokugxeka?”
- Ukuphendula D: “Njengani? Awungiphe isibonelo?”
- Ukuphendula E: “Yini ungaqale ususe ugongolo ehlweni lakho kuqala?”
- Ukuphendula F: Umbuka phansi naphezulu bese uyancimfa uhambe
- Ukuphendula G: Usho u “Ngiyabonga” ngokudelela.
- Ukuphendula H: “Cha, anginjalo.”
- Ukuphendula I: Uvele uzithulelele nje engathi awuzwanga lutho.
- Ukuphendula J: Uvele ukhale ngoba ungazi ukuthi yini okufanele uyenze manje.
Ngithemba ukuthi sonke siyavumelana ukuthi ayikho neyodwa eyalezizindlela zokuphendula elungile. Ngakho, istebhu soku-1 sokuthi ukhule ekubeni ngcwele ukuthi unombole ukuphendula kwakho ngaphandle kokunanaza okungalungile bese uyakuyeka. Istebhu 2 sidinga ukuthi uhlaziye ukuthi yimiphi imicabango okuholele ekuphenduleni ngalendlela, futhi okubalulekile kakhulu, yimuphi umucabango ongakusiza uhlele ukuphendula okulungile. Izaga 15 ziyasiza kakhulu maqondana nalokho. Nansi isampuli yeqiniso elingokweBhayibheli elenza ingqondo ibentsha, ithathelwa kwiZaga 15.
- v 1 – phendula ngempendulo ethambile
- v 2 – phendula ngokolwazi (iqiniso) hhayi ngemizwa noma ubuqili bokubeka inkulumo
- v 3 – bona ukuthi uNkulunkulu wazi kahle ukuthi yini eyenzekilw neyenzekayo manje
- v 5 – Ngidinga ukukwazisa ukulungiswa
- v 9 – uSIMAKADE uyathanda lapho siphokophelela ukulunga, ngakho yenza ukulunga kube yikona okuwumgomo wakho, hhayi ukwenza izaba.
- v 12 – Ungabi umuntu ohleka usulu (a scoffer )
- v 23 – kunentokozo emnandi njengomvuzo wokuphatha lesisimo ngendlela eliungile.
- v 24 – konke ukuphendula okuwubuhlakani kwiyigxathu elibheke empilweni futhi yigxathu eliqhelelana nobubi
- v 28 – Ungalinge uphendule ngaphandle kokucabanga amaqiniso akanje.
Ukukuhlanganisa konke lokhu ngolwazi lweBhayibheli, imicabanga yakho ingathi ukuba ngcono ngokucabanga ngalelndlela ekanje ngaphambi kokuphendula lab abangabangxeki:
- Lomuntu ulandele isibonelo seBhayibheli sokuzokhuluma nami ngqo (Mathewu 18:15), yinto enhle le ayenzile.
- Ngiyasizonda isono, ngakho kumele ngikwazise ukulungiswa, ukuze ngizokwazi ukuthi ngithi nje “Ngiyabonga”
- UNkulunkulu uyakwazi okwenzakalayo (Izaga 15:3, 11) – Uzokuveza ukuba msulwa kwami uma izinsolo singamanga noma angahlulele uma izinsolo siyiqiniso.
Ngakhoke, yize noma kusadlule imizuzwana embalwa ngithole amagama angigxekayo, ungaphendula ngokuthi “Ngiyabonga ukuthi ungazize. Ngiyabonga.” bese ngemuva kwalokho ulandeleise ngokuzihlola wena, bese uma kukhona isidingo uphenduke futhi wakhe ukubuyisana.
Umsebenzi onzima wokungcweliswa ulele kustebhu namaba 2. Sebenzisa lesisibonelo ukucabanga ngokweBhayibheli kuzona zonke izilingo.