Violent crime of slander

Ukukhuluma ngokwehlisa isithunzi somunye kusenza sizibone sifanelekile noma sizibone sibalulekile. Ngakho ke, siyahlanganyela kalula ekukhulumeni kabi ngomunye. Kodwa, ukukhuluma kabi ngomunye kungafakwa ngaphansi  kwesigaba “samacala amabi”. Awuke ubheke lezinkulumo ezimbili kumaHubo 140:11

Umutu wamanga makangamiswa emhlabeni; ububi mabuzingele umuntu oyisidlwangudlwagu, abujiswe.

Amahubo 140:11

Yisiwula esizonda umuntu ngasese bese sinquma ukumhleba ukuze simdicilele phansi ( IZaga 10:18). Ukhuluma kabi ngomunye kuhlose ukuzuza ukuthembeka kwalowo osayingcina imfihlo, kodwa eqinisweni kufakazela ukungathembeki kwalowo ohlebayo ( IZaga 11:13). Ngisho nabangani abakhulu bangahlukaniswa ukuhleba ( IZaga 16:28).

Ngokwami kungubuhlakani ukuzihlukanisa nabahlebayo ( IZaga 20:19). Uhulumeni olungile ngempela angamelana nokukhuluma kabi ngomunye ( Amahubo 101:5). Umkhonzi wangempela weHubo 15 umuntu “’ongahlebi ngolimi lwakhe”( Amahubo 15:3).

Ngakho uma nivakashelene cabangisisa ukuthi nithini ngalabo abangekho kunye nani. Khuluma ngenhloso yokwakhana, ningadicilelanani phansi.

Makungaphumi emlonyeni wenu nalinye izwi elibolileyo, kodwa kube ngelilungileyo,ukuze libavezele umusa abezwayo. Ningamdabukisi uMoya Ongcwele kaNkulunkulu enabekwa uphawu ngaye kuze kube lusuku lokuhlengwa.

kwabase-Efesu 4:29-30