A Weekly Plan for Godliness – Friday
nokho zejwayeze ukumesaba uNkulunkulu, ngokuba ukuvocavoca umzimba kusiza kancane, kodwa ukwesaba uNkulunkulu kusiza ezintweni zonke, futhi kunesithembiso kulokhu kuphila nakulokho okuzayo.
1KuThimothewu4:7b-8
NgoLwesihlanu: KHULEKA ISIKHASHANA ESIDE
Umuntu kumele akhuleke nsuku zonke, ngendlela yokuthi abe nesijwayezi esiyalelwe ngaso esithi “..khulekani ningaphezi” (KwabaseRoma 12:12). Kodwa namhlanje yithi ukulula emkhulekweni wakho.
- Khuleka ngendlela ojwayele ukwenza ngayo. Bese,…
- Khetha Ihubongesikhathi uhambisa amehlo akho kulelelo Hubo, khetha lokho okuthize kulona leloHubo okubalulekile nokuqondene nempilo yakho manje. Faka lezozinto emkhulekweni wakho.
- Njengoba sekunguLwesihlanu, khulekela umfundisi wakho s maqondana namalungiselelo entshumayelo yakhe yangesonto, ngokungangabazi asephakathi nayo.
- Thumela umyalezo kumngani and bese ubuza ukuth ikuyini ongabakhulekela kona ngalolosuku, bese uyakukhulekela lokho.
