Psalm 1 The key to doing well in this world
IHubo 1 yiHubo lezikhathi ezimangazayo esibhekana nazo usuku nosuku. Siphumelela kanjani uma singasebenzi ngezinhloso ezingokwalelizwe ezifanayo nalezo zalabo esisebenza nabo? Siphumelela kanjani uma sihleli nje ekhaya nezingane zisiphathisa nekhanda (noma thina siziphathisa nekhanda)?Siphumelela kanjani lapho isimo somnotho singathembisi, ingeniso lingenalo uzinzo, isimo sezempilo sikathaza? Siphumelela kanjani-ke uma lelizwe libukeka seligcwele umsangano ngezindlela eziningi ezahlukene?
Impendulo iyefana nangesikhathi lapho izinto zihamba kahle nalopho konke kubukeka kuhamba kahle. Siyaphumelela uma siyeka ukulalela lelizwe (Ihubo 1:1) futhi kunalokho simome Izwi likaNkulunkulu (Ihubo 1:2). Yiyona into edingakalayo leyo ukwenza kahle kulelizwe (Ihubo 1:3). Ukumelana neZwi likaNkulunkulu nokuphila engathi alifanelikile ukuba sidlinze ngalo impela leyo yindlela eya ebhujisweni ( Ihubo 1:4), bese ngokuhamba kwesikhathi (Ihubo 1:5). Kodwa uma senza lokho okulungile, lapho ke singaqiniseka ngehlo eliqaphile likaNkulunkulu wethu okuNguye ozosilonda (Ihubo 1:6).
Ngakho ungasabi izwe elinenkathazo. Zama namhlanje, ukuthi wehlise ukufunda imiyalezo yalelizwe, uthi ukukhulisa ekufundeni amavesi eBhayibheli. Bona izizathu zokuthokoza kuNkulunkulu kunezizathu zokukhathazeka ngalomhlaba
.