Isixakaxaka sezePolitiki asithinti kuphela osopolitiki. Wonke umuntu obuswayo uyabuzwa ubuhlungu besixakaxaka sezepolitiki. Ikusasa lawo wonke umuntu libukeka licikizela. Ukwazi ukuthi abaholi ababi basebenzisa izinsiza zezwe ukuthi kuzuze bona qobolwabo bengenandaba nezakhamuzi, lokho kusigcwalisa ngentukuthelo, ukulahlekelwa yithemba, ukungabi nasiqiniseko, ukudangala, kanye nokufisa engathi ungake ubalekele kwenye indawo.

UDavide, eyiNkosi uqobo, ngaleyondlela futhi engusopolitiki, wabuzwa kanzima ubuhlungu besixakaxaka sezepolitiki lapho indodana yakhe izama ukumuqhwanga ubukhosi.  Amahubo 3, umkhuleko weNkosi uDavide ngenkathi ibhekene nesixakaxaka sezepolitiki. Kodwa ayizange iwabhale njengosopolitiki, yize ebhalwe esuselwa kwinhliziyo kababa indodana yakhe engusopolitiki omubi. uDavide akadatshukiswa yisimo sezwe ngangendlela ayedlinza kabanzi ngayo ngesimo sakhe.

Amahubo 3:1-2 akhuluma ngezinga lokudangala nokulahlekelwa yithemba okwahaqa inhliziyo kaDavide ngalesisikhathi  sothuthuva lwezepolitiki.

Amahubo 3:3-4 asikhumbuza ukuthi akekho usopolitiki osakwaze ukususa umkhuleko enhlizweni yabangcwele. Emkhulekweni sithokozela  ukuthi yize noma uhulumeni engasabavikeli abalungile, kodwa uNkulunkulu usajengesihlangu phezu kwethu, nanjengogodo olusigqugquzelayo olusiphasile ngaphansi kwethu ukusigcina simile. Alukakabibikho izinga lenkohlakalo elisakwaze ukuphazamisa imikhuleko yabangcwele ukuba iphendulwe yiNkosi uNkulunkulu wethu.

Amahubo 3:5-6 afakazela ukuthi ukukholwa buyasinqoba njalo isixakaxaka. Umuntu owazi uNkulunkulu yilowo, okuthi noma ebona kahle ukuthi kunesixakaxaka, kodwa akwazi ukuqhubeka alale ngokuthula ebusuku. Kuyinto ethusayo kakhulu ukuphila ezweni lapho ububi benziwa ubuholi kungakhathaleki ukuthi obukuliphi izinga, kodwa kubazalwane lokhokwesaba kubuyiselwa eceleni ngezikhathi zokulala, ngoba uNkulunkulu usiqaphile thina.

Amahubo 3:7-8 agcizelela ezinhlizweni zethu ithemba ukuthi ngelinye ilanga izinto ziyophinde zibengcono- hhayi ngoba kuyobakhona usopolitiki thizeni olungile oyovotelwa ngokhetho olulandelayo, kodwa ngoba uNkulunkulu uzoletha ukukhululwa ngesikhathi Sakhe nangendlela Yakhe, lokho kuyophetha ngesibusiso phezu kwabantu Bakhe.

Ungabeki inhliziyo yakho ezweni eliyoke lingamelwe kahle ngabaholi abaqotho nangezinqumo zomnotho ezinobuhlakani. Kunalokho beka inhliziyo yakho kuNkulunkulu nasembusweni Azokuwuletha ngelinye ilanga. Ngaleyondlela isixakaxaka sezepolitiki esibi ngokwedlulele siyakhiqiza ihubo.