IKhorasi elula yokuDumisa koQobo

A Simple Chorus of Genuine Praise

Ngokuvamile yizinto ezincane ezivele ziqhamuke kungahleliwe eziba nesisindo esifuze leso zalezozinto ezihleliwe. Iculo likaMose kuEksodusi 15 lithatha amavesi ayishumi nesikhombisa nohhafu kudunyiswa uNkulunkulu ngamandla awaveze kwisikhathi kade kuwelwa uLwandle oluBovu kanye nokubhujiswa kwebutho laseGibhithe. Bese-ke uMiriyamu, usisi kaMose, wadonsa icilongo, kwananela nabobonke abasifazane, kwavungama indumiso ebhekiswe kuNkulunkulu ngekhorasi.

“Hlabelelelani uSimakade, ngokuba uphakeme kakhulu, ihhashi nomgibeli walo ukuphonse olwandle.”

IEksodusi15:21

Ngokusebenzisa igama elithi “SIMAKADE”, uMiriyamu ubizela bonke abantu ukuba kuculelwe uNkulunkulu Lowo uMose abemuchazile kwiculo lakhe elide.

Isizathu sokubiza abantu kukaMiriyamu ukuba bazocula futhi siyefana naleso seculo likaMose elinabe kabanzi– uSIMAKADE ukhombisile amandla akhe ngezindlela ezimangalisayo.

NjengoMose, uMiriyamu uqopha okuyizona izenzo zikaNkulunkulu, kodwa ngobulula bomqondo wengane “ihhashi nomgibeli walo ukuphonse olwandle”

Ungangakwazi ukubhala ihubo elinezindimana eziyishumi nesikhombisa lokudumisa uNkulunkulu ngenxa yemisebenzi yakhe akwenzele yona namhlanje, kodwa ngesiqiniseko imisho emibili noma emithathu ayinzima kangako kuwona wonke umuntu okholwayo. Ngeke wakwazi, njengoMiriyamu, uvuse indumiso kwabanye ngemishwana emithathu unaba kabanzi ngentshiseko yakho yokulangazelela ukudunyiswa kukaNkulunkulu, ngubukhulu Bakhe obuphakeme, kanye nemisebenzi Yakhe?

Scroll to Top