A Contract of Sexual Purity
Eyodwa yezinto eziphathekayo ezikholelwa ngesiqiniseko ezenza uJobe abe yisibonelo esihle sobungcwele ukuthi wangena kwikontileka yesibopho engena nokulangazelela kwakhe ucansi, lekontileka imaqondana nokuhlanzeka okuqondene nocansi. Iqoshelwe thina kuJobe 31:1-12, imigomo nemibandela yalekontileka yesibopho noqobolwakhe ingabekwa ngalendlela elandelayo:
Uma ngike ngabuka imibukiso nezithombe zabantu abenza ucansi (Jobe 31:1),
Umangikengaqamba amanga noma ngikhohlisa abanye ngakho(Jobe 31:5),
Umangikengavumela inhliziyo yamiilandele amehlo ami (Jobe 31:7),
Uma ngike ngakhombisa ukufuna ucansi komunye (Jobe 31:9a),
Uma ngike ngazibeka ngaphansi kwesimo esingabeka engcupheni (Jobe 31:9b),
Lapho-ke mangingabi nasibusiso esivela kuNkulunkulu (Jobe 31:2),
mangehlelwe yinhlekelele nengozi (Jobe 31:3),
Mangibe nokuhlupheka okuqondene nami (Jobe 31:10),
Mangingene ehlazweni phambi kwabantu (Jobe 31:11),
Mangingene nasezingkingeni zemali (Jobe 31:8),
Mangilahlekelwe yinzuzo yengcebo yami (Jobe 31:12)
Ngokuba uNkulunkulu uyakubona konke engikwenzayo (Jobe 31:4),
futhi Nguyena ozoba ngumahluleli wami (Jobe 31:6).
Izinga laMakhrestu lokuhlala uhlanzekile ngokocansi liphambene nezinga lalelizwe. Masiwenze ugqame lomehluko nsukuzonke.