Miracle or Providence- Praise the Lord!
UNkulunkulu usebenzisa izindlela ezimbili ukwenza izinto emhlabeni ngokwecebo Lakhe eliphelele
Imisebenzi yamandla Akhe noma ukulawula Kwakhe izimo zonke
Ukuwela uLwandle Olubomvu, amanzi ayevela edwaleni, imana eyayivela kwisibhakabhaka esomile nokunye okufuze lokho konke yizibonelo zemisebenzi yamandla kaNkulunkulu ehlisela umusa. Zimbalwa izikhathi emlandweni lapho uNkulunkulu asebenzisa khona imisebenzi yamandla ukuqhuba icebo Lakhe kubantu.
Indlela evamile uNkulunkulu enza ngayo izinto emhlabeni , yileyo yokulawula Kwakhe izimo zonke. Incwadi kaEsteri iwumbukiso omkhulu wokulawula izimo zonke kukaNkulunkulu. Uma kubukwa ngokombono wokungakholwa, kubukeka ‘kuwukuqondana nje kwezinto’. Kodwa ngamehlo okholo kuwubufakazi obuhle bobuhlakani namandla kaNkulunkulu okubonakala ngolawula Kwakhe ukwenzeka kwazo zonke izimo.
Kuyadabukisa nokho, abantu abaphenduli kahle nanoma kukuphi ukwenza kukaNkulunkulu- ngakube imisebenzi yamandla Akhe noma ukulawula Kwakhe izimo zonke. UFaro akazange akholwe imisebenzi yamandla eyenziwa ngesandla sikaMose, uAhabi akakholwanga imisebenzi yamandla eyenziwa ngesandla sikaEliya, Abafarisi nabo abakholwanga imisebenzi yamandla eyenziwa nguJesu. Ngokufanayo uDutheronomi 8 uxwayisa ngokuthi umsebenzi wokulawula izimo zonke kaNkulunkulu ezimpilweni zamaIsrayeli uzoba isikhubekiso sokuzigqaja kungathi wukwenza kwabo.
Kumakholwa, kokubili imisebenzi yamandla Akhe nokulawula Kwakhe izimo zonke kuwubufakazi obuhle bamandla nobuhle bukaNkulunkulu. Masingalinge sibe ngabaphakeme ngokucabanga ukuthi kukhona esizenzele kona , kodwa basiphendule zonke izenzo zemisebenzi yamandla kaNkulunkulu namacebo Akhe eza ngokulawula Kwakhe izimo zonke kube yindumiso.
