Imiyalelo emithathu ephezulu yamadoda aganiwe

Top three commandments for husbands

Ubuholi sebuphenduke elinye lamagama asetshenziswa kakhulu ezifundisweni zobukhrestu maqondana nabayeni. Ubunhloko bendoda bufundiswa ngokucacile emiBhalweni (kwabase-Efesu 5:23 naku-1 KwabaseKhorinte 11:3, kanye nencazelo etholakala kwabase-Efesu 5:22, 24). Nokho, ukuhola kwendoda phezu komkayo akukaze kuyalwe eBhayibhelini. Kunalokho, ubunhloko bendoda bukhonela ukufaka ukwesaba uNkulunkulu enhliziyweni yendoda. Bukhumbuza abayeni ngomthwalo omkhulu abanawo wokufeza imiyalo ecacile kaNkulunkulu abayalelwe yona. Umbuzo-ke uthi: iyiphi imiyalo ecacile abayeni okufanele bayilalele, ukwesaba uNkulunkulu kubeyikho okuwagadile?

Mithathu imiyalelo ecacile engabhaliwe nje kuphela njengemiyalelo emiBhalweni, kodwa ephinda ifingqe imisebenzi eminingi phambi kukaNkulunkulu leyo indoda enayo.

Umyalelo #1: Thanda umkakho

KwabaseKholose imiyalelo yomshando ifinyeziwe yaba umyalelo owoda. Kumadoda uthi Thanda umkakho. Loluthando lunezindlela eziningi oluziveza ngazo ezingokweBhayibheli: yekela lokho okuncamelayo wena ngenxa yakhe (Efesu 5:25), funa okuzuzisa yena ngokomoya (Efesu 5:26-27); 1 Khorinte 14:35), munakekele kahle (Efesu 5:28), ungayenzi impilo yakhe ibe muncu (Kholose 3:19). Futhi, ungahlukanisi naye ( 1 Khorinte 7:11) qinisekisa ukuthi amagama okutusa kweqiniso yiwo agqamile kuzona zonke izinto ozishoyo kuye nangaye (Izaga 31:28).

Umyalelo #2: Yazi umkakho

Njengalokhu omunye umfundisi esho kuyona yonke imishado, umshado ukubhalisela ukungena eklasini elithiwa [ Igama lomkakho] 101, futhi awugogodi kulo. U-1 Phethro 3:7 uyalela umyeni ngamunye ukuba ahlale ngokumqonda kahle kakhulu umkakhe. Lokhu kwenziwa inhlekisa kubantu abangakholwa (“Ngeke nje uze umazi umuntu wesifazane!”), kodwa kuwumyalelo wesibili obhekiswe emadodeni aganiwe. Kuchaza ukuthi yazi ukuthi umkakho uyisipho sakho esivela kuNkulunkulu (Izaga 18:22) futhi uyindlalifa kanye nawe ngokomoya ( 1 Phethro 3:7). Kuchaza ukuthi umphathe ngokumazisa okukhulu kakhulu ngisho nangokumkhulekela ( 1 Phethro 3:7).

Umyalelo #3: Thokozela impilo nomkakho

Umshumayeli9:9 uwumyalelo okumele ugciineke kalula. Umkakho kumele asuse ukukhathazeka kwempilo, kodwa, amadoda amaningi alomhlaba asephendule abaningi omkayo abenza baba wukukhathazeka kwempilo abe esezitshela ukuthi lokho wona akuphokophelele kwaba yikona okungathi kususa ukukhathazeka. Lokhu akumele kube indlela phakathi kwaMakhrestu. IDUtheronomi 24:5 uyalela umyeni osanda kushadelwa ukuba acwilise umshado wakhe kwinjabulo. U-Genesisi 2:24 ukhuluma ngokuba munye empilweni okumangalisayo phakathi kukaAdamu noEva kanye nayo yonke imishado ezolandela. Hlonipha ukuba nyamanye nomkakho (Hebheru 13:4), ufune ukuthokoza kwakhe (1 Khorinte 7:3), futhi uthokoze kuyena yedwa (Izaga 5:18-20).


PS.Ungazibuza uthi “Manje uthini mayelana nomyalelo othi ‘Muhole umkakho’?”. Ukuhola kowesilisa emshadweni akusiwona umthetho ongokweBhayibheli. Kunalokho ubalulwa ngaphansi kwamavesi akhuluma ngobunhloko nokuthoba. Lokho kuchaza ukuthini maqondana nendoda eganiwe? Lokhu kusho ukuthi kufanele ukuthathe ngokuzimisela ukuphendula phambi kukaNkulunkulu ngendlela umkakho ezwe ngayo impilo nawe

Scroll to Top