A good life in a bad world
Ngenxa yokuthi uNkulunkulu ukuchazeka Kwakhe akunakuqunyelwa umkhawulo yindalo ebonakala ngamehlo, Unikezela umqondo ohlukile kakhulu maqondana nempilo edaliwe. Unikezela umqondo othokozela izinto ezinhle kodwa ube ungazizibi izinto ezimbi. Unikezela umqondo osigqugquzela ukuthi sizibekele izifiso ngekusasa esinethemba ukuba zingaphumelela kodwa kungabibikho ukudumala uma zingahambanga ngendlela ebesifise ngayo. Unikezela umqondo osikhuthaza ukuthi senze izinto ezinkulu kodwa ngaphandle kokuthi silawulwe yizo.
Kwincwadi yoMshumayeli 3:12-14 uNkulunkulu usinikezela umqondo wakhe ngalempilo ngokwendlela eke yahlolwa ngayo yiNkosi ehlakaniphile uSolomoni.
Ngiyazi ukuthi akukho okuhle kubo
1) kunokuthokoza
2) nokuzithokozisa, inqobo nje uma besaphila,
futhi kuyisipho esivela kuNkulunkulu, asipha umuntu
3) ukuba wonke umuntu adle, aphuze, athokozele wonke umshikashika wakhe.
Umshumayeli 3:12-13
Ngamanye amazwi, impilo enhle emhlabeni omubi iza kulowo
- ngokuvamile othokozile futhi obuka ikusasa ngethemba,
- ophilelanayo nabantu aze abe mdala, futhi
- ozithokozelayo ngokubonga izipho ezinhle zempilo.
NjengaMakhrestu siyayazi ingcuphe enkulu yesono izwe elibhekene nayo, siyazi kangcono kunabo, kodwa ngoba siyamazi noNkulunkulu Onjongo Yakhe ingenakuvinjelwa, impela singaba ngabathokozile futhi ababuka ikusasa ngethemba. NjengaMakhrestu siyazi ukuthi imithetho ethi thanda uNkulunkulu nomakhelwane iyangena kwizimo zonke, ngakho-ke singathi ukuba ngabantu abathe ukukhululeka uma sibhekana nabanye abantu, singabeki phambili lokho esikubona kungamalungelo ethu noma okulindelwe yithina. NjengaMakhrestu siyazi ukuthi bonke ububi kulomhlaba omubi kungumthelela wezoni kuphela ezingahlukile kunathi uqobo, kodwa ngakwenye ingxenye konke okuhle empilweni kungumsebenzi kaNkulunkulu kuphela, ngakho-ke singadla ukudla okumnandi ngemuva kosuku olubi, singaphuza isiphuzo esehla kahle ngezikhathi zezinkinga, futhi singazizwela ingxenye ethokozisayo yomsebenzi onzima.
Yehlisa ukucasuka, ukungabi nathemba, nokugxeka zonke izinto, bese ufunda ukuvuka umoyizela futhi uhambe uyekolala umoyizela ngoba uyazi ukuthi uNkulunkulu uzoguqula ngisho nezinto ezimbi zangalolosuku zibe zinhle ngelinye ilanga ( I-Genesisi 50:20).
Yithi ukwenza kahle kakhudlwana namhlanje. Khombisa isihle kulabo esingabafanele, yenza isenzo esihle ukuphendula kwisenzo esibi, qaphela wonke umuntu oseduze kwakho. Ngemuva kwakho konke, uyazi ukuthi uNkulunkulu wehlisela umusa kwabazi thobile, kodwa umelana nabazidlayo ( ekaJakobe 4:6).
Yithi ukubonga kangconywana, ungaboni kuphela izinto ezimbi nokona kwalelizwe, kodwa nobuhle nesihle kukaNkulunkulu. Yazi ukuthi uNkulunkulu muhle, ukuthi Wenza okuhle, nokuthi ngisho nokunye ukuhlushwa kwakho kuhle ( Amahubo 119:68,71)