Kwakunensizwa eyayisencane eyayincishana eyayikhungethwe wukwesaba indlala, ngendlela yokuthi yayibekelela imali njalo ngenyanga kwisikhwama esasizobhekelela ukuthenga ukudla kwisikhathi esizayo. Iminyaka emingi eyalandela, indoda yabe isithatha impesheni, ingeniso elalingena njalo lase lingekho. Ekuhloseni kwakhe okugxilile kokuba nemali eyanele ukuthenga ukudla nanoma yingasiphi isikhathi, kwahamba kwahamba indoda yafa ibulawa yindlala ngoba yayingasakwazi ukuthi iyisebenzise imali ebiyigcinile ukwenzela ukuthenga ukudla.

Lendaba ingabukeka iyinganekwane , kodwa umgomo wayo uyihlaba esikhonkosini njengeBhayibheli uqobolwalo.

Akwesabayo omubi kuyamehlela, kodwa abakufisayo abalungileyo bayakuphiwa khona.

IZaga 10:24

Ziningi izinto kulempilo ezisibangela ukuba sibe nokwesaba. Kungenzeka sisabe ukufa ngendlela ethile njengalendoda ekwinganekwane, kungenzeka sisabe kakhulu ukuba sendaweni ephakeme, kungenzeka sisabe izinto esingenakukwazi ukuzilawula; kungenzeka sisabe ukwehluleka, izicabucabu, ubugebengu, noma ukukhuluma phambi kwabantu; kungenzeka sisabe ukushona kothandiweyo wethu noma ukuqeda ubudlelwano obuhle ungahlosile. Ziyinqwaba izinto empilweni ezisibangela ukuba sibe nokwesaba.

Ngisho ungesiyona indoda “ekhohlakele” ekukhulunywa ngayo kwizaga,  umbuzo osuselwa kwiZaga 10:24 usenza sidlinze kabanzi, uthi “Ngakube impilo yakho ilawulwa wukwesaba onakho, noma yizifiso ezilungile ezilawula impilo yakho?” isibonelo, uma ushayela uya emsebenzini, ukwenza lokho ngoba usaba ukungabi namsebenzi noma umphathi wakho, noma ushayela uye emsebenzini ngenxa yokushisekela ukuba wumsebenzi ozimisele? Ukhuluma nomngani wakho ngoba usaba ukulahlekelwa wubudlelwano, noma ukhuluma nomngani wakho ngenxa yokushisekela ukukhombisa uthando nokumakha yena?

Lesisaga asisikho ukwesabisa okuyinkolelo-ze njengokuthi uma usaba into ethile, lapho ke yiyona leyonto eyokwehlela ngelinye ilanga. Futhi asisisiso isiqiniseko esiwumlingo sokuthi izifiso zakho zifezeke uma wenze kahle namhlanje. Kunalokho singubufakazi obuvela kuNkulunkulu ukuthi imiphumela yobubi ngokuyisiqiniseko izoba khona. Kanjalo, uma umuntu efisa okuhle, bese akuphokophelele ngokulunga, uNkulunkulu uzomvuza ngokufanelekile.

Impilo eqhutshwa wukwesaba izoholela ekutheni wena ube wukugcwaliseka kwezinto ozisabayo. Yilabo abashawa wuvalo lokugwiliza abagcina benza isikebhe zibenokunyakaza okukhulu. Yilowo oba yingxenye yengxoxo ngokwesaba ukubhidliza ubudlelwano ogcina esesho izinto okungafanele azisho. Uma kubukwa ngenye indlela, yilowo ofisa ukuthi abanye babenokuthokoza esikebheni, okugcina kumnandi ukuba khona kwakhe esikebheni yize enalo naye uvalo olukahle lokugwiliza. Yilabo abafuna ukuba abanye benzekelwe okuhle abagcina benobungani obuhle yize benalo uvalo olukahle lokulahlekelwa wubudlelwano.

Lesisaga maqondana nempilo yansuku zonke, ngaphezu kwezinto zonke siqinisile futhi namaqondana nethemba lethu laphakade.  Yizoni ezihlalele ovalweni lokwahlulelwa ezizo kwahlulelwa impela, kodwa labo abanothando oluphelelisiwe lukaNkulunkulu abakwesabi ukwahlulelwa. Uthando luyakuqoba ukwesaba ( 1 ekaJohane 4:17-18). Yenza kube wuthando—ukufisela omunye umuntu into enhle—kube yikho okuqhuba impilo yakho esikhundleni sokwesaba.