Impilo eqhutshwa yizifiso

A desire driven life

Ngikhombise impilo yakho, ngizokukhombisa izifiso zakho.

Ngokuphinda phindwa kwiZaga isahluko 1-3, siyatshelwa ukuthi Ukuhlakanipha kwaseZulwini kukhona futhi kutholakala kalula. Umvuzo wokuHlakanipha ulengisiwe ngaphambi kwethu njengezaqathi phambi kwembongolo.

Manje, uma imbongolo ingazami ukudla izaqathi eziphambi kwayo eduze nekhala layo, yini ongazitshela yona ngalokho? Kulula. Uma imbongolo ingalinyakazisi nakancane ikhanda layo ukuba izame ukuluma izaqathi, lokho kuchaza ukuthi imbongolo ayinandaba nezaqathi futhi “ayinakho ukushisekela” izaqathi. Ngokuyivezela izinhlobo eziyishumi zezinto ezimnandi, ngokwaleyo esuka iye kuyona, ungakwazi ukusho ukuthi yini eshisekelwa yimbongolo.

Asisizo izimbongolo, kodwa lesisaga sembongolo siyasifundisa isifundo ngempilo. Uhlezi wenza lokho okushisekela ngakhulu kunezinye izinto. Uma ufisa into entsha eqondene nezemidlalo ngaphezulu kokufisa ukuthenga indlu ngelinye ilanga, izinqumo zakho zezezimali zizokuveza lokho, futhi kungenzeka ukuthi awusoze wayithenga indlu. Uma ufisa izinto ezimnandi noma ukungenzi lutho namhlanje ngaphezu kokufisa ukuba nendlela yokuphila ephilile nenempilo, laphoke ngeke ufinyelele kwisimo sezempilo osiphokophele.Ayinzima lento– sonke isinqumo osithathayo sixhumene ngqo nalesosifiso esidlula esinye.

Uma siyibeka ngomqondo ongemuhle, izifiso zakho ziyimbangela yezingxabano zakho nabanye (ekaJakobe 4:1-3); ngokomqondo owakhayo, izifiso zakho ziyilokho okugqugquzela ukuthi ufinyelele ebudodeni (Ihubo 27:4). Izifiso okuyizona ozondlayo, yizifiso ezikhulayo; izifiso ezikhulayo, izifiso okuyizona ezinqobayo.

Scroll to Top