My past has some dark moments
Wonke umuntu ophilayo manje unemuva. Imuva lethu linezikhathi ezinhle futhi nezikhathi ezimbi. Kodwa ngelishwa, iningi lethu libhekane kakhulu nezikhathi ezinzima. Siyambonga uNkulunkulu ukuthi umusa Wakhe ubhekana ngempumelelo nazozonke izikhathi zethu zobumnyama
Ngenxa yomusa kaNkulunkulu osindisayo, ohlanzayo nophilisayo, imuva lethu alinqumi imanje lethu. Imiphumela yezono ezedlule kungenzeka isasithikameza, kodwa ukulahlwa ngunembeza kungaxolelwa (1 Khorinte 6:11). Imiphumela yezenzo ezimbi zabanye abazenza kithina kungenzeka isakuphazamisa ukwenza kwethu, kodwa ukuphila okusha okukuKhristu kusenza sikwazi ukuhamba ngesibindi ngokukholwa impilo yethu yonke ( Hezekeli 18:20).
Kungabe yimuva elishiya isithombe esinzima esingasuki emqondweni, kungabe ‘ama-generational curses’, noma ububi bakho, kukhona njalo iseluleko eZwini likaNkulunkulu ukusisiza sibhekane nakho konke ngendlela yokuthi singakwazi ukubhekana nosuku ngalunye ngomoya oguquliwe. Kungabe nguwena qobolwakho owawungumenzi wobubi, noma waba yisisulu esimsulwa sezenzo zomenzi wobubi, iZwi likaNkulunkulu linikezela ukweluleka ngaso sonke isikhathi.
Cabanga uKhayina, qobolwakhe umenzi wobubi onenzondo, onemuva elingajabulisi nomfwabo. KuGenesisi 4 uNkulunkulu wameluleka ukuthi angayinqanda kanjani lendlela ebheke ekubhujisweni ayehamba kuyona, kunalokho wameluleka ukuba enze okuhle ukuze ezobuyela kwisimo sokulunga.
Noma bheka uEliya kwincwadi yo-1 Amakhosi 19 ebalekela ukuphindiselwa ngokubi ngakho konke okuhle ayekwenzile? Nalapho, uNkulunkulu wamnakekela, wabe eselungisa kahle indlela yakhe ayebuka ngayo impilo, wabe esem uyisela emsebenzini wakhe wansuku zonke wokuba umprofethi kaSIMAKADE.
I-Nkosi uManesa kwincwadi ye-2 Izikhronike 33 wenza okubi kwingxenye enkulu yempilo yakhe, kodwa lapho esephendukile, waba namandla okwenza okuningi okuhle kwiminyaka yakhe yokugcina.
U-Josefa wahlukumezeka kanzima ezandleni zomndeni wakhe, ezabantu angabazi, ezalabo ayesebenza nabo, nalabo ayeboshwe nabo, kodwa wakwazi ukuthi aphile ngokulunga ngaphansi kwazo zonke lezozimo ( Genesisi 50:20-21)
Sonke singathokoza ngomkhuleko kanye nomvumi waleliHubo,
Mela indaba yami, ungihlenge,
ungiphilise ngokwezwi lakho.
I-Hubo 119;154