Incwadi ka-1 Samuweli 30 no 31 ngayinye ikhombisa ngamazwi inkosi ebhekana nesimo esibucayi esithi masifane, kodwa zinomphumela ongafani.

INkosi elungile (isahluko 30) ilahlekelwa iyona yonke into (1-6a) bese iziqinisa kuNkulunkulu ukuze izokwenza ngendlela elungile futhi ithathe nezinqumo ezilungile ngaphansi kwesimo esinengcindezi. (6b-8). Imiphumela yileyo wonke amaKrestu asezizweni zonke ayilangazelele. Imiphumela ifaka phakathi ukuphumula kwalabo abakhathele (9-10), umusa kwizihambi (11-15), ukubuyisela impahla kulabo abathathelwe ( 16-20), injabulo yesizwe sonke (21), ukulunga ezinkantolo (22-25), nokuba qotho ngokwezezimali (26-31).

INkosi engalungile (isahluko 31), nayo yalehlekelwa iyona yonke into (1-3) kodwa yathola indlela yokuphunyula, indlela enzima kakhulu kulokhu (4). Imiphumela iyazikhulumela ngokwayo. Lona ngumphumela odabukisayo kwizizwe zonke lapho abaholi bengamesabi uNkulunkulu. Ukufa (5-6),ukuphelelwa yithemba (7), Ihlazo (8-9), ukungezwani nokuhlukana phakathi kombuso owake wabumbana (11-13) izinto ezimbi kabi ezine ezichaza ukuphela kokubusa kwenkosi engalungile.

Umehluko ulele emandleni kaSimakade afunwa inkosi elungile, kodwa alwahlwa inkosi engalungile. Thandazela kulolusuku ukuba khona komholi olungile ezweni lakho (1 Tomothy 2:1-2), bese ngesikhathi usalindele impendulo kaNkulunkulu, zibophezele ekubeni isakhamuzi esilungile (kwabaseRoma 13:1-7).