The role of Church in the life of an uncoverted child

Uke ucabange ngomsebenzi iBandla eliwenzayo empilweni yomntwana oza kuphela esontweni ngoba abazali bakhe beza? Njenganalokhu sinekeza abantwana bethu amaveji ukuba bawadle ngoba abalungele yize bona bengacabangi kanjalo, njengalokhu sifundisa abantwana bethtu uhhide lwezifundo esikoleni ngisho noma benganakho ukuqonda isidingo sezinye zazo, kanjalo siyabathatha abantwana bethu siye nabo esontweni yize noma bengakaphenduki ezonweni zabo ukulandela uJesu.

Ngaphezu komqondo osobala ongenayo ekudleni amaveji, izifundo zesikole, nesonto ngokufanayo, kukhona futhi ezinye izizathu ezibalulekile zokuthi kungani sithatha abantwana bethu, abangakaphendukile, siye nabo esontweni. Kusayiyona indawo lapho bezofunda khona amaqiniso ngoMdali wabo. Kusayiyona futhi indawo lapho bezofundiswa amaqiniso kamoya ngoqobolwabo , izinhliziyo zabo, kanye nezenzo zabo. Ngoba nje abantwana bengakakuvumi konke lokhu njengento abakholelwa kuyo ngokungokwabo, lokho akukwenzi kungabi yiqiniso noma kungabi naso isidingo kubona.

Ebandleni yindawo futhi lapho khona, ngisho kuthiwa abahlosile, bebuka ukuthi kusho ukuthini ukukhonza uNkulunkulu. Ubaba uyacula, iBhayibheli elivuliwe eligonwe nguMama, nemikhuleko ekhulekwa esidlangalaleni ngabazalwane zonke lezi yizinto ezinika isithombe sendlela yokukhonza kubona kanjengalokhu ukubona iphoyosa elisemsebenzini lenza bafana abancane bafune ukuba ngamaphoyisa. Ngenxa ykuthi bona qobolwabo bakhombisa ukungabi nendaba nokukhonza, bayakudinga ukuthi kwenziwe isibonelo sakho esicacile kubona.

Kwabase-Efesu 6:4 kuyalelwa abazali ukuba bakhulise abantwana ngendlela okuzoba ngeyabo. Kodwa zonke izinto ezidingakalayo ekukhuluseni abantwani—umsoco, izingubo, ukuphepha, ezempilo, imfundo, amakhona maqondana nempilo, ubungani—okuyikona okugqamiswayo kulelivesi ukuthi nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.Yenza ukukhuluma okugcwaliswe ngeZwi kube yingxenye yomsebenzi wokukhulisa umntwana wakho wansuku zonke ( Idutherenomi 6:7), bese wenza imihlangano yeBandla kube yingxenye yomkhuba wokukhulisa umntwana wakho wamasonto onke ( ngokukaMathewu 19:13-15).

bayakuba ngabantu bami, Mina ngibe nguNkulunkulu wabo; 39ngiyakubanika nhliziyonye nandlelanye, ukuba bangesabe zonke izinsuku, kube kuhle kubo nakubantwana babo emva kwabo.

UJeremiya 32:38-39