UJerry Bridges encwadini yakhe i-The Pursuit of Holiness (Ukuphokophelela Ubungcwele) wabhali into ekanje: “isikhathi esiningi kakhulu sithi sidonsa kanzima ngalesono noma lesiya. Kodwa lokho sikusho njengezaba. Awudonsi kanzima ngaphezu kokuba kuwukungalaleli nje”. Bese kwisahluko se-10 unikezela ngendlela yokuthi uMbhalo kuhloswe ngawo ukuba kubulawe ukungalaleli nje bese kukhiqizwa ukulalela. Nansi indlela ayinekezelayo ukwakha isithombe salokho akushoyo:

Umoya ubhala Imibhalo -> Thina sifunda Imibhalo-> Umoya uyasikhumbuzisa emiqondweni yethu Imibhalo esiyifundile-> Thina sikwenza isenzo lokhu okusemqondweni yethu esikukhumbuzwa nguMoya

Lokhu kubukeka kanjani empilweni yomzalwane othanda iBhayibheli, osebenza ngamandla ukuba alalele? Amahubo 119 ayasicobelela.

Nansi isampuli yokuthi Imibhalo isisiza kanjani ukuba silalele.

  • v. 4 Imibhalo yakhelwa ukuba ilalelwe
  • v. 5 Imibhalo ikhiqiza ukulangazelela ukulalela
  • v. 9 Imibhalo isinikezela izinga lokulalela
  • v. 11 Imibhalo ikhiqiza ukulalela lapho yaziswa futhi ifundwa bese siyigcina emiqondweni
  • v. 32 Imibhalo isinikezela Amandla ukuba silalele ngomfutho
  • v. 33, 44, 112 Imibhalo iyohlezi ifanelekile kuze kube sekupheleni
  • v. 57, 106 Imibhalo iyakufakazela ukuzimisela ukuthi ulalele
  • v. 133 Imibhalo inikezela ungqozi lokufuna ukukhulekela ukulalela
  • v. 136 Imibhalo ikhiqiza ukukholwa ngesiqiniseko, ukuzisola, kanye nokuphenduka ukuba ulalele ngemuva kwezikhathi lapho ungazange walalela.

Ngakube lokhu kuyayithola indawo enhlizweni yakho?