IZaga incwadi yobuhlakani bempilo egcwele ukuphumelela. Enye yezindlela yokufundisa ukuhlakanipha okuholela kwimpilo ephumelelayo ukusebenzisa inkulumo enomqondo ophikisanayo ehlanganiswe ngokukhulu ukuqaphelisisa. Igama elithi “kodwa” isikhathi esiningi liyigama elixhumanisa amanenjana obuhlakani angafani kwiZaga. IZaga, ngaleyondlela azisiyo kuphela incwadi yobuhlakani bempilo egcwele  ukuphumelela, kodwa futhi ziyincwadi yobuwula obulimaza impilo yomuntu.

IZaga 13 ziqukethe uhlu olude lwezinto ezivamile ezingubuwula esizenzayo kwesinye isikhathi ezisilethela umonakalo. Hlola impilo yakho ukuthi inayo yini lemikhuba emibi, bese leyo oyitholayo empilweni yakho uyishintshanise ngaleyo emihle ephikisana nemibi kulelovesi.

Ukuhambisana nengxenye yezinto ezimbi kwincwadi yeZaga 13, nansi indlela eholelana ekonakeleni kwezinto

  • IZaga 13:3 Shesha ukhulume
  • IZaga 13:5 Lapho ungakwazi ukukhetha ukuba neqiniso, kunalokho nquma ukukhohlakala (funda neZaga 13:9)
  • IZaga 13:6 Lapho ungakwazi ukukhetha ukulunga, kunalokho nquma ukwenza isono (funda neZaga 13:21 no 13:25)
  • IZaga 13:13 Yeka ukuqaphelisisa uMbhalo
  • IZaga 13:14 Yeka ukuthatha izeluleko ezinobuhlakani (funda neZaga 13:18)
  • IZaga 13:15 Gwema ukwenza izinto ezinomqondo
  • IZaga 13:17 Tshela abantu izinto okungezona
  • IZaga 13:20 Zibandakanye nabantu abayiziwula njengawe

Zonke lezizinto kungenzeka zingabi yiqiniso ngawe, kodwa ezinye zazo kungenzeka ziyilona. Asiphokopheleni ukuhlakanipha kwempilo egcwele ukuphumelela siyekeni ubuwula obuletha umonakalo ezimpilweni zethu.