A new way to think

Incwadi yaMahubo iwumqulu oqukethe imininigwane ebalulekile yendlela amakholwa aphila ngayo kulomhlaba. Kumakholwa, impilo kulomhlaba iyindawo nesikhathi sokukhonza uNkulunkulu ngokumphakamisa okukhulu, kodwa futhi iyindawo nesikhathi ukubona umonakalo wesono bese sithulula izinhliziyo zethu kuNkulunkulu. Amahubo angubufakazi bendlela amakholwa aphila ngayo ngendlela ehlukile kakhulu emhlabeni ofanayo nabenzi bobubi. Ihubo 1 liqala lomqulu omuhle waMahubo ngesiqalo salendlela entsha yokuphila. Kodwa lenza kanjalo ngokusikhomba kwindlela entsha yokucabanga.

Ubusisiwe umuntu

ongahambi ngeseluleko sababi,

ongemi endleleni yezoni,

ongabi mdibi munye nabaklolodayo,

kodwa othokoza ngoMthetho kaSimakade,

azindle ngawo imini nobusuku.

Ihubo 1:1-2

Kangangokuba uv.1 ukhuluma ngoku “hamba”, “ima” noku “hlala”, kodwa empeleni yisikhungo semicabango yokwe “lulekwa” “endleleni” yempilo okuyikona okuqondiwe,ngisho nebanga lokujoyina labo abazihlalisa bona phansi njengabagxeki abanemibono yayoyonke into (“mdibi munye nabaklolodayo”). Ngaohambi kokuba uthathe uhambo endleleni entsha yokuphila, uzodinga ukwamukela lendlela entsha yokucabanga.

Lendlela entsha yokucabanga ayikhonzima njengendlela ezwakala ngayo—kunalokho ilula. Esikhundleni sokuphila ngezeluleko zababi, esikhundleni sokuphila ngendlela yezoni, esikhundleni ekuhlaleni kwimibono yokwahlulela kwabanye, vula iBhayibheli lakho, zitholele ukuthi liguqulana kanjani!

Lendlela entsha yokucabanga ichaza ukuthi ummongo weZwi likaNkulunkulu liyayikhalima indlela yohambo lwakho lwempilo ngaphezu kokwenza kwabangani bakho abangakholwa. Lendlela entsha yokucabanga ichaza ukuthi umongo weZwi likaNkulunkulu umisa imigomo yakho nezinto ozikholelwayo ngaphezu kokwenza kwamaphephandaba, imisakazo, amapodcast nama blog alelizwe. Lendlela entsha yokucabanga ichaza ukuthi umongo weZwi likaNkulunkulu uyabonakala kwimicabango yakho, kukuphawula kwakho nakwimibono yakho ngaphezulu kunakuma-trolls kaFacebook, amachatters kaWhatsapp nama-blast kaTwitter akwizinkundla zokuxhumana.

Umthetho kaNkulunkulu uyasitshela ukuthi siphile kanjani. Kodwa okokuqala usitshela ukuthi sicabange kanjani. Lapho-ke siyathola ukuthi uMthethi kaNkulunkulu awusilona nje uhlu lwezinto ukumele zenziwe nekungamele zenziwe, kodwa kunalokho wambula ukukhulukeka kwengqondo okumangalisayo lapho zonke izeluleko zababi zishintshaniswe neziluleko ekulungeni, lapho zonke izindlela zezonizishintshaniswe ngezindlela zobungcwele, lapho isihlalo sabaklolodayo sishintshaniswe ngesihlalo solwazi nokuqonda.