How knowing God Brings Stability
UNkulunkulu usibizele ukuba sibe Naye enkazimulweni Yakhe kwingunaphakade lonke. UNkulunkulu uphinde wasinikezela izethembiso ezinkulu ukuthi ngelinye ilanga sizohlengwa kulomhlaba oqalakiswe ngesono. Kungakho senza imizamo enzima ukuba sivelele okholweni lwethu kuze kufike esigabeni sothando lwangempela lomunye nomunye. Njengalokhu sikhula ebungcweleni, siyakhunjuzwa njalo ukuthi uJesu uyazixolela izono zethu futhi lokho kuyasiqinisekisa ukuthi sibizwe nguNkulunkulu ukuthi sibe Naye enkazimulweni Yakhe kwingunaphakade lonke.
Uma uphinda uyifunde lepharagrafu engenhla, uzothola ukuthi iphela la eqale khona. Lepharagrafu iyinkulumo efingqiwe yencwadi yesi-2 kaPhethro 1:3-11.
Njengokuba sinikiwe zonke izinto eziqondene nokuphila nokumesaba uNkulunkulu, ngamandla akhe obuNkulunkulu, ngokumazi Yena owasibiza ngenkazimulo nobuhle bakhe, aniphe ngakho izithembiso eziyigugu nezinkulukazi, ukuze ngazo nibe ngabahlanganyeli besimo sobuNkulunkulu, nibalekele ukubhubha ngezinkanuko okusezweni.Ngaleso sizathu-ke, khuthalelani ukwengeza ubuhle ekukholweni, nasebuhleni ukwazi,nasekwazini ukuzithiba, nasekuzithibeni ukukhuthazela, nasekukhuthazeleni ubunkulunkulu, ebunkulunkulwini ukuthanda abazalwane, nasekuthandeni abazalwane uthando. Ngokuba uma lezo zinto zikhona kini futhi zivamile, ziyakunenza ningabi ngabavilaphayo nabangenazithelo ekwazini iNkosi yethu uJesu Khristu. Ngokuba ongenazo lezo zinto uyimpumputhe, ebona kalufifi, esikhohliwe ukuhlanjululwa ezonweni zayo zakudala.Ngakho-ke bazalwane, khuthalani kakhulu ukuze nikhombise ukubizwa nokukhethwa kwenu. Phela uma nikwenza lokho, anisoze nakhubeka nakanye. Ngokuba ngokwenza kanjalo, niyakuphiwa ilungelo elipheleleyo lokungena embusweni waphakade weNkosi yethu noMsindisi uJesu Khristu.
2kaPhethro1:3-11
Lamavesi avula lencwadi ayaphindwa kumavesi avala lencwadi ( 2 kaPhethro 3:13-18). Izwi elivalayo liyisibusiso esifanelwe ukuzibophezela kwansuku zonke:
‘ Kepha khulani emseni nasekwazini iNkosi noMsindisi wethu uJesu Khristu. Kuye makube udumo kusukela manje kuze kube usuku lwaphakade. Amen.
2 KaPhethro 3:18
Ulwazi ngoNkulunkulu yilona elenza kwenzeke ukuba thina siphile lempilo yomhlaba ngobungcwele ngisho kungathiwa kwenzekalani kulomhlaba. Ngakho-ke, akukho ukuphokophela okudlula ukuthi ukhule olwazini lwakho ngoNkulunkulu.
