Isifundo sanamuhla singubufakazi bendoda ekhulile ngokokholo ibheka ngokufinyelela kukho ukuvuthwa ngokukamoya. Engathi lobufakazi bungawuthabisa umoya wakho njengoba benzile kowami.
Senza kanjani ukuthi sivuthwe ngokukamoya ezimpilweni zethu?
Eminyakeni ewu-24 edlule, ngibonile ukubaluleka kwesifundiso esiphilile ebandlene, ubulunga basebandleni obuthembekile, nobuholi obunobunkulunkulu. Yilapha la engaqala khona ukuzuza ukuvuthwa ngokukamoya. Ukuvuthwa kuhambo lokukholwa kuhlezi buzuzeka ngokufundisa nokushumayela okuphilile, okuhle,okucacisa ivesi ngalinye ukwenzela ukuthola umqondo wombhali (expository teaching), okubanzi. Kungokuqonda nolwazi lweMibhalo lapho sikhula khona futhi siye ngokuya sivuthwe.
Njengoba kwakunjalo ngaMakrestu wonke, kunjalo nakimi, Imibhalo enjengo 2 Thimothewu 3:14-17 ichaza ngomthombo wokukhula kwethu ngokukamoya. Lamavesi achaza ukuthi Imibhalo iqhamuka kuphi, nokuthi yini Isidingo nenhloso yemibhalo ezimpilweni zethu, senza kanjani ukuthi siphile ngalokho esikuthathisela kwiMibhalo, nokuthi inamthelela muni imibhalo kithina, kanye nokuthi imibhalo isisiza kanjani thina kulokhu kuphila kwalomhlaba.
Imibhalo ivela kuNkulunkulu. Imibhalo iyasifundisa ukuze singabi ngabaziba ulwazi. Imibhalo iyasisola ngalokho okuphambene ezimpilweni zethu bese iyakuqondisa. Imibhalo ikulungele ukufundisa thina ngoba iyasiyala endleleni yokulunga, impela lokho okuyikho okukhiqiza ukuvuthwa esikudingayo. Ngenxa yeMibhalo singaveza izithelo ezimpilweni zethu zakulomhlaba ezikampakela kwingunaphakade neNkosi noMsindisi wethu.
Imibhalo isilungiselela indlela esasimele ukuba siyihambe ngaphambi kwethu, isilungiselela ikusasa lethu.
Ngakho ke, njengoba sisahamba kuyo lendlela yokulunga okukhiqizwe yiMibhalo, kufanele ukuba sivuthwe ekuqondeni kwethu IZwi likaNkulunkulu.
Umsebenzi kaNkulunkulu uphumeleliswa ngeBandla Lakhe ( mina nawe namanye Amakrestu aseduze nathi). IBandla Lakhe linikezelwa ukwazi liqondiswe ngeZwi Lakhe. Sidinga ukuba silazi ngokuvelele IBhayibheli ukuze ngempumelelo senze konke lokho uNkulunkulu asihlelele ukuba thina sikwenze.