Indlela yokulindela INkosi

How to wait for the Lord

Ukulinda kubonakala sengathi kusho ukungenzi mnyakazi. Izichazamazwi zesiNgisi zichaza ukulinda njengokubambezela noma ukuhlehlisa isenzo. Ngenxa yalokhu, lolu hlobo lokungenzi mnyakazo yikona Amakhrestu amaningi akucabangayo uma sikhuluma ngokulindela iNkosi.

Sithola le nkulumo ethi “ukulindela INkosi” emiBhalweni, ikakhulukazi kumaHubo. Kodwa ayisho ukungenzi mnyakazo—kuphambene kakhulu nalokho.

Uma silindela INkosi, asibambezeli isenzo; kunalokho, silungiselela isenzo. Silinda iNkosi njengesosha elilindela umyalo womkhuzi wamasosha othi “Hlaselani!”. Isosha elinjalo lihlala liqaphile, lilungele, libeka konke endaweni efanele ukuze liqine futhi libebukhali uma umzuzu wesenzo usufika.Lokhu kufaka phakathi zonke izinyanga zokuqeqeshwa komzimba nokuthuthukiswa kwamakhono, ukuze lapho kufika isikhathi esidinga isibindi, libhekane nesimo ngamandla agcwele.

Uma thina njengaMakhrestu sikhuthazana omunye nomunye ukuthi silindele ukubuya kweNkosi, kufanele sicabange ngokuzilungiselela ngamandla amakhulu ezenzo ezizodinga amandla okomoya angavamile nesibindi. Yilokho kanye izikhuthazo ezisemaHutsheni zokulindela iNkosi ezimayelana nakho.

Lindela uSIMAKADE, uqine, inhliziyo yakho ime isibindi. Yebo, lindela uSimakade.

IHubo27:14


Qinani, inhliziyo yenu ime isibindi, nina nonke enethembela kuSimakade (noma enilendele uSIMAKADE).

IHubo31:24

Umqondo ofanayo wamandla nesibindi sibekelwa wona ngokwamagama anika izithombe kwiHubo 33, lapho ukulindela iNkosi kuyisikhathi sokuphumula empini, sizilungiselela kabusha, siqinisa isibindi sethu ukuze siqhubeke nokulwa, sazi ukuthi ukuvikelwa kwethu kuvela kuNkulunkulu.

Umphefumulo wethu ulindele uSimakade; uwusizo lwethu nesihlangu sethu.

IHubo33:20

KwiHubo elizibophezele emzabalazweni obhekene nokukhathazeka ngobubi obusizungezile, ukulindela iNkosi kuhlotshaniswa nemisebenzi eminingi yokomoya. IHubo 37:7 libonakala sengathi liyisitatimende sokungenzi mnyakazo…

Thula phambi kukaSimakade, umlindele ngesineke;

…kodwa enye ingxenye yaleliHubo ithanda ukuhluka.

IHubo37:3 libuka ukulindela iNkosi kuyisikhathi sokwenza lokho okuhle, ukwenza imisebenzi evamile yosuku, ukwenza konke kanjalo ngokuthembeka.

IHubo37:4 liyalela thina ukuba sethabe kuSIMAKADE njenganendlela esimulindela ngayo Yena ukuthi ukuzobhekana nazo zonke izindaba ezikhathazayo.

IHubo37:6 linikezela umqondo wokuthi uhamba ngokulunga kwizimo zonke.

IHubo 37:8 likukhumbuza ukuba ungalinge uthukuthele ngisho kunganini.

LeliHubo liphetha ngamandla nesibindi okugxile ngokufanayo namanye amaHubo akhuluma “mgokulindela USIMAKADE”.

Insindiso yabalungileyo ivela kuSIMAKADE, uyinqaba yabo ngesikhathi senhlupheko.USIMAKADE uyobasiza, abakhulule; ubakhulula kwababi, abasindise, ngokuba bayamethemba.

IHubo37:39-40

Ngakho-ke, Mzalwane, lindela ukubuya kweNkosi.

Ngalokho siqonde ukuthi, gcwala amandla emphefumulweni wakho ngenxa yalokho uNkulunkulu ayikho ngisho lapho umphefumulo wakho uhaqwe yilokhu kuphila kwalapha emhlabeni. Uhlahle nyova ngokwekwesaba, nokudangala, nokungabi nathemba, kodwa ngaye uNkulunkulu enjenganesihlangu phambi kwakho, ngesibindi ziphathe ngokulungile uphambane nazo zonke izilingo zokwenza ngenye indlela.

Ukulinda okunomnyakazo kwempilo elungile
kuzosigcina sibekezelela
ukulindela okungena mnyakazo kwesikhathi esimiswe nguNkulunkulu
ukuzoletha ubulungiswa kulomlaba


Lindela uSIMAKADE, ugcine indlela yakhe,
yena uzokuphakamisa

IHubo37:34

Scroll to Top