Sonke siyona ngezindlela ezahlukene. Ezinye zezono zethu siyazazi, kodwa asisheshi ukuphenduka kuzona. Kwezinye izikhathi asiboni ngisho nokubona ukona kwethu kuNkulunkulu nabanye abantu. Abathandekayo kithi bangazemboza ezikhathini eziningi ngothando lwabo abanalo ngathi, futhi mhlawumbe bazame ukuthi basiqonde ngezinye zazo kwesinye isikhathi, kodwa ngebhadi asivamile ukuphendula kahle nakulokho.
Siyadinga ukuba sifunde ikhono lokuzihlola.
Sebenzisa lendlela njengezokukhombisa indlela. Lokhu kugcwaliseka kahle uma usuchithe isikhathi esanele ucabanga ngakho. Yakha isikhathi ekuseni, noma uthathe usuku ube wedwa, noma izinsuku ezimbili noma ezintathu. Susa zonke izinto zomhlaba ezingaba isiphazamiso, yenza isikhathi ucabange, udlinze, ubuyekeze bese uyakhuleka. Gcwalisa leli-worksheet lapho izinto zifika emqodweni. Zama ukubhekana neworksheet elilodwa ngesikhathi. Uma elokuqala seligcwalisekile, yilapho ke ongaqala khona elilandelayo. Kungenzeka kudingeke ubuyele kwelokuqala uyosusa noma wengeze ezinye izinto, kodwa zama ukuthi ungagcwalisi wonke amaworksheet kanye kanye.
Gcina iBhayibheli lakho liseduzane ngasosonke isikhathi, funda kakhulu, hlolisisa ukwenzela amehlo akho avuleke nonembeza wakho uzuze ulwazi.
Ngihlole, Nkulunkulu,
Amahubo 139:23-24
uyazi inhliziyo yami;
ngilinge, uyazi imicabango yami,
ubone ukuthi kukhona yini okubi
ngaphakathi kwami,
ungiholele endleleni yaphakade
Worksheet 1
Bhala phansi zonke izono ozenzayo ngokuziphindaphinda okuthize. Ekugcineni kwesono ngasinye kubhale nokuthi ngubani okunguye olimalayo ngenxa yesono sakho.
Worksheet 2
Bhala ukuthi izenzo zakho eziyisono zibaphazamise kanjani labo obonayo. Cabangisisa ukuthi mhlawumbe kubaphathe kanjani ngalesosikhathi nasekuhambeni kwesikhathi.
Worksheet 3
Bhala phansi ukuthi uke wabhekana kanjani nazo lezizono. Uke waphenduka, uma kunjalo, kanjani? Uma ungazange, yiziphi izaba ozisebenzisayo? Ngakube ukhona umehluko kwindlela ofisa engabe ubhekane ngayo nazo, mhlawumbe ngisho nendlela ocabange ukuthi ubhekane ngayo nazo, kuqhathaniswa nokuyiyona indlela obhekane ngayo nazo lezozono.
Worksheet 4
Yenza uhlu lwabantu ( noNkulunkulu umbale!) okumele ubuyisane nabo. Uzobhekana nabo kanjani ukuxazulula masinyane izenzo zakho ezimbi.
Njengalokhu ukuhlale sigunda kugcina izinwele zethu ukuthi zingakhuli kakhulu ukuze singafani nezilwane, nokuqhubekela ekukhumuleni umuntu omdala kuyasigcina ukuba isono esihlale sikhona singasiphenduli sibe izilwane.
Wena uthanda iqiniso ngaphakathi enhliziyweni,
Amahubo 51:6
uyongifundisa ukuhlakanipha ekujuleni kwenhliziyo.