A Conversation about Conversion
Nayi ingxoxo esobala abantu ababili ababanayo ngokuba uMkhrestu. Ukwenzela le-post, oyedwa sizothi uMike omunye uJohn. Ngakube uNkulunkulu usekushintshile yini ngalendlela nawe?
Mike: Iyiphi indlela abantu ababa ngayo Amakhrestu?
John: Batshela uNkulunkulu ukuthi bazisola kangakanani ngezono zabo, bacele uNkulunkulu ukuthi abaxolele, bese bekholwa kuJesu bese bayamlalela.
Mike: Uma ngilalela isonto lonke, ngingaba uMkhrestu?
John: Ngisho ungalalela iviki lonke, ngeke uze ube nguMkhrestu. Akwanele ukulalela iviki lonke. Isono sakho sibi ngangokuthi udinga uNkulunkulu ukuthi akuxolele, bese-ke Yena uzokuguqula, bese lapho-ke usungakwazi ukulalela ngoba usunguMkhrestu.
Ngemuva kwezinsukwana …
- Mike: Izolo ebsuku ngicele uNkulunkulu ukuba angixolele izono zami. Uma ngilalela iviki lonke, ngizoba senginguMkhrestu!
- John: Kuhle lokho! Kodwa ukulalela iviki lonke ngeke kukwenze uMkhrestu. Ukuba nguMkhrestu, uNkulunkulu nguye okumele akushintshe. Uma ucele uNkulunkulu ukuba akuxolele izono zakho ebusuku bayizolo, Yena-ke uzokuguqula, lokho-ke kuzokwenza uMKhrestu. UNkulunkulu akaphoqelekile ukukuguqula, kodwa uma Yena ekuguqulile, lapho-ke unguMkhrestu.
- Mike: Ngakho ngibe nguMKhrestu ebusuku bayizolo?
- John: Mhalwumbe, kodwa uma uNkulunkulu ekuguqulile. Kuzodinga sibheke ukuthi uNkulunkulu ukuguqulile yini. Lapho sizokwazi ukuthi ubile yini nguyena uMkhrestu ebusuku bayizolo. Lezizinguquko asiziboni masinyane, kodwa uma uNkulunkulu ekuguqulile, lapho-ke nezinye izinto empilweni yakho zizoguquka nazo bese uzokwazi-ke ukuthi uNkulunkulu usekusindisile wase esekwenza uMkhrestu yini.
Umbuzo kuwena nakimi: Ngakube uNkulunkulu usekuguqulile?
Funda izahluko ezilandelayo eZwini likaNkulunkulu ukwenzela ukucaciseleka ngendlela uNkulunkulu asindisa ngayo izoni:
- NgokukaJohane 3:3
- Kwabase-Efesu 2:4-5
- KuThithu 3:4-5
- 2 KwabaseKhorinte 5:17
