Injabulo yalabo abakholwayo

The happiness of those who believe.

UMBhalo ugcwele izinkulumo zesibusiso, noma injabulo enezimpane ezijulile, yalabo abakholwayo. Kungenzeka singasizwa lesisibusiso esigcwele injabulo kulomhlaba, kodwa iqiniso ukuthi simelwe sibe ngabantu abanjubule ukudlula bonke abanye kulomhlaba!

Sibusisekile ngoba sinoNkulunkulu okunguye.

babusisiwe abantu abaNkulunkulu wabo unguSimakade.

AmaHubo144:15b

Yeka injabulo okungeyethu lapho izono zethu sezixolelwle nguNkulunkulu!

Ubusisiwe umuntu osiphambeko sakhe sithethelelwe,osono sakhe sesuliwe.

AmaHubo32:1

Ukuncika kwethu akukho kumuntu,kodwa kuNkulunkulu, futhi siyazi ngethemba eliqinisekile ukuthi Yena uzosifakazela.

Ubusisiwe lowo omsizi wakhe kunguNkulunkulu kaJakobe,

AmaHubo146:5

Ububanzi nokujula kwesambulo sikaNkulunkulu kubantu yikona okusenza sibe ngabahlakaniphile futhi abanokuqonda, phezu kwalokho ukukhula olwazini lomBhalo impela kuyathokozisa.

Ubusisiwe umuntu othola ukuhlakanipha,nomuntu ozuza ukuqonda,

Izaga3:13

Ukulalela kungenzeka akuhlezi kulula, kodwa kuhlezi kuholelala empilweni enenjabulo.

Uma nikwazi lokhu, nibusisiwe nxa nikwenza.

NgokukaJohane13:17

Konke lokhu kuyizinkulumo eziyizibonelo nje zesibusiso nentokozo nenjabulo nokwethaba kwalabo abakholwayo! Mdumise uNkulunkulu namhlanje.

Scroll to Top