God’s purpose for marriages
Ngokuphambene nalokhu abanye abangakucabanga, iBhayibheli lisobala futhi lithembekile kakhulu maqondana nesimiso nenhloso yomshando. KuGenesisi 2:1 sitshelwa okokuqala ngomshado; okwaba nguNkulunkulu oshadisayo owawuphakathi kwendoda yokuqala nowesifazane wokuqala ababe ngabantu bokuqala ngqa ukuba khona emhlabeni. Ukwenza indoda evuthiwe nowesifazane ovuthiwe njengabantu bokuqala, uNkulunkulu wabahlanganisa enzela ukwakha isisekelo sempilo yonke yabantu kanye nokubambisana okwakuzolandela. Umshado ngaleyondlela uyisimiso esiyinhliziyo yanoma yisiphi isimiso noma isakhiwo senhlalo yabantu. UGenesisi 2:18 ngokuqondile ubalula inkinga yesizungu njengesizathu sokushada. Umshado wamiswa ngalo lelonga nguNkulunkulu ukugcwalisa lesisizungu uAdamu ayesizwa njengomuntu owayeyedwa. UNkulunkulu wenza owesifazane ukuba abe ngumhlobo osondele kakhulu wendoda.
Ngenxa yokuthi uNkulunkulu wamisa waphinda waphatha umshado wokuqala, uNkulunkulu kuphela onegunya nelungelo lokumisa lokho okwakha umshado nokuthi amise ukuthi yiziphi izinto ezingalindeleka emshadweni. UMathewu 19:6 ukhombisa ukuthi uJesu qoboLwakhe wafundisa ukuthi umshado wawuyinto uNkulunkulu ayihlanganisa lokho ke okwakuyisizathu futhi sokumelana nesahlukaniso esisekelwe imizwa nentshiseko yomuntu. Ngoba uNkulunkulu Nguye owasungula umshado, kuphela Nguye owayenegunya elengamele lokusho ukuthi uzodalwa kanjani futhi uhlukaniswe kanjani.
KuGenesisi 2, uNkulunkulu wayalela ukuthi umshado uzoba ngukushiya uyise no-nina noku hlanganiswa kwendoda nowesifazane babe munye. Sebeshadile, bazoba sebebumbene ekucabangeni kwabo, izinhlelo, imizamo, izifiso, imizwa, nemizimba. Umshado ungaphezulu kokwenza ucansi. Ungaphezulu kokwandisa abantu. Ungaphezulu kokuba yinto nje eyenziwayo. UMshado wubungani obusondelene kakhulu futhi obuhlukile. U-Malakhi 2:14 neZaga 2:17 lezizincwadi zibalula ngokuqondile umgomo walobubungani bomshado. Kulezizindawana zombili umshado uthathwa njengesivumelwano sokuzibophezela phakathi kwendoda nowesifazane ukuba babe ngumhlobo osondele omunye owomunye empilweni yonke.
Ngakho, umshado awusiwo umkhuba wabantu. Futhi awusiwona isidingo sokuziphatha kahle noma esimiswe wumthetho ukwenzela ube nonembeza omsulwa noma ukugcina uqoshiwe emabhukwini. Umshado awusiyona into yokwenza impilo ibe lula noma ukugqiba ukukhulelwa nokukhulelisa okwenzeke ngaphambi kokuthi kushadwe. Kunalokho umshado isixazululo sikaNkulunkulu kwinkinga yabantu yesizungu. Injongo engokweBhayibheli yomshado ukuthi ukuze indoda ibe nomhlobo omkhulu kumuntu ongowesifazane. Ngalesosizathu-ke, bayahlanganyela ezibusisweni eziningi zale nhlangano (ubungane, usizo, ubunye, ubudlelwano bocansi, abantwana, ukuzibophezela). Ukuze lezi zibusiso zijatshulelwe, umshado kufanele ubhekwe njengendalo kaNkulunkulu bese wenziwa ngokwecebo likaNkulunkulu.
