A Poem about Jesus

Kungenzeka ukuthi ayihleliwe ngokwesimo senkondlo okungenzeka sisijwayele, kodwa lena yinkondlo edumile kakhulu ngeNkosi yethu uJesu. Khumbula ukuba uJesu ubengesiye kumphela umntwana osemkhombeni noma indoda eyayisesiphambanweni, kodwa wayeyiNkosi yeZulu noMhlaba- wayehlezi eyiyo, futhi uyohlezi eyiyo.

Yona ingumfanekiso kaNkulunkulu ongabonwayo,
iyizibulo lakho konke okudaliweyo,
ngokuba konke kwadalwa ngayo;
okusezulwini nokusemhlabeni, okubonwayo nokungabonwayo,
nakuba kuyizihlalo zobukhosi, noma imibuso,
noma izikhulu, noma iziphathimandla;
konke kwadalwa ngayo, kwadalelwa Yona.
Yona ingaphambi kwakho konke,
zonke izinto zibambene zimi ezindaweni zazo ngayo.
Yona iyinhloko yomzimba, ibandla;
iyisiqalo, izibulo kwabafileyo,
ukuze Yona ibe ngowokuqala ezintweni zonke.
Ngokuba kwaba kuhle ukuba ukuphelela konke kukaNkulunkulu kuhlale kuyo,
nokuba ngayo abuyisane nakho konke,
esenzile ukuthula ngegazi lesiphambano sayo,
yebo ngayo, noma yizinto ezisemhlabeni noma ezisezulwini.

KwabaseKholose 1:15-20