INkosi IBusisa Labo Aba…

The Lord Blesses Those Who …

Isifiso esijwayelekile kubantu bonke isifiso sokubusiseka, kunesokuba baqalekiseke. Abafundisi bamanga basebenzisa lesifiso esingokomuzwa wemvelo ukuthi bazibusise bona. Ama-cult (izinkolo ezihlelwe ngokwabantu) azisungulela wona izindlela zokuthola izibusiso zasezulwini. Kodwa yimiBhalo okuyiyo esitshela ukuthi wuhlobo olunjani lwabantu uNkulunkulu ophilayo akhetha ukubabusisa. Njengokulindela kwalabo abathembekile, loluhlu wuhlu olungokukamoya olunikezela kuqala inkolelo ngokuqiniseka , bese kuba wukukhuthazeka nenjabulo. Kwangathi lokhu kungaba yikho okuchaza isimilo sempilo yakho.

EmaHutsheni ewodwa, uSIMAKADE ubusisa lowo …

  • ongazihlanganisi kakhulu nabangalungile, kodwa uzinikele kakhulu eZwini likaNkulunkulu (AmaHubo 1:1-2)
  • ofuna ukulondeka ngokomoya kuNkulunkulu uqobo (AmaHubo 2:12; 34:8)
  • olungile (AmaHubo 5:12)
  • owethemba izithembiso zikaNkulunkulu ngaphezu kwezabantu (AmaHubo 40:4)
  • onakekela abampofu (AmaHubo 41:1)
  • ochitha isikhathi esiningi ekukhonzeni noNkulunkulu kanye nabanye abakholwayo (AmaHubo 84:4-5)
  • owethemba uNkulunkulu ngezinto ezinhle zokuphila (AmaHubo 84:11-12)
  • ohlale enza okulungile nokwahlulela ngobulungisa (AmaHubo 106:3)
  • owesaba uNkulunkulu futhi othatha imiyalelo Yakhe ngokuzinikela (AmaHubo 112:1; 115:13; 128:1; 128:4)
  • ophila impilo yokulalela uNkulunkulu (AmaHubo 119:1)
  • okuthandayo ukufunda ngemisebenzi emikhulu kaNkulunkulu (AmaHubo 119:2)
  • onesilinganiso esikahle phakathi komsebenzi nomndeni (AmaHubo 127:1-5)
  • onoSIMAKADE njengoNkulunkulu wakhe (AmaHubo 144:15)

Izibusiso zikaSIMAKADE zizokwenza ulahlekelwe yizibusiso zakulelizwe, bese izibusiso zakulelizwe zizokwenza ulahlekelwe yizibusiso zikaSIMAKADE.

Yisiphi isibusiso oyosikhetha?

Scroll to Top