Wake wezwa ngedolobha ekuthiwa iNobhi? Kwakuyidolobha elithandekayo elaligcwaliswe ngabakhonzi bakaNkulunkulu ababehleli ngobuqotho babo nangomusa.kodwa, inkosi lapho lelidolobha lalikhona, kwakuyinkosi ekhohlakele. Ngokufuna ukuziphindisela yayalela into esingayibiza ngesibhicongo. INobhi yayaziwa njengendawo yokukhonzela uNkulunkulu, lapho uNkulunkulu wayenakekela abakhethiweyo Bakhe. Kunalokho, INobhi yaba ngufakazi wokuthi isono, uma kungaphendukiwe kusona, siwuxosha kanjani wonke umusa. Isono, uma kungabhekanwa naso sisasenhlizweni, Siyakhula, ngobuningi nangobubi. Isono sizala isono- esikhulu kunesokuqala. Nansi indaba esingayixoxelwa iNobhi.
Inkosi yayisithumela ukuba kuyobizwa u-Ahimelekhi, umphristi, indodana ka-Ahithubi, nendlu yonke kayise, abaphristi ababeseNobhi; bonke beza enkosini. USawule wathi: “Lalela, wena ndodana ka-Ahithubi.”
Waphendula wathi: “Ngilapha, nkosi yami.” USawule wathi kuye: “Ningenzeleleni ugobe wena nendodana kaJese lapho uyinika isinkwa, nenkemba, wayibuzela kuNkulunkulu ukuba imelane nami, ingilalele unyendle njenganamuhla na?” U-Ahimelekhi wayiphendula inkosi, wathi: “Ngubani kuzo zonke izinceku zakho othembeke njengoDavide, umkhwenyana wenkosi, nenduna yabaqaphi bakho, nodumileyo endlini yakho na? Ngiqale namuhla yini ukumbuzela kuSimakade na? Qha, akunjalo; inkosi mayingabeki cala encekwini yayo, nakuyo yonke indlu kababa, ngokuba inceku yakho ibingazi lutho mpela ngalokhu.” Inkosi yayisithi: “Impela uzakufa nokufa wena Ahimelekhi, nayo yonke indlu kayihlo.” Inkosi yathi ezigijimini ezazimi ngakuyo: “Phendukani, nibulale abaphristi bakaSimakade, ngokuba nabo bahlangene noDavide, bathe bazi ukuthi uyabaleka, kodwa abaze bangitshela.”
Kepha izinceku zenkosi azivumanga ukwelula isandla sazo zibulale abaphristi bakaSimakade.Inkosi yathi kuDowegi: “Phenduka nawe, ubabulale abaphristi.” UDowegi wakwa-Edomi waphenduka, wababulala abaphristi ababalelwa ema-85, ababembethe ingubo yamahlombe, ngalolo lusuku. INobhi, umuzi wabaphristi wawubhubhisa ngenkemba, abesilisa nabesifazane, izingane nabancelayo, izinkabi, izimbongolo nezimvu, wakubhubhisa ngenkemba.
1 Samuweli 22:11-19
Siyamhlonipha uAhimelekhi nabakhonzi base Nobhi abafela ukwenza lokho okulungile. Futhi siyayihlonipha kancane inceku kaSawule ngokungafuni ukubulala abapristi. Kodwa into egqamayo kuyona yonke lento, ukuthi uSawule angasuka kanjani ekuzondeni uDavide (indodana kaJese) afinyelele ekwenzeni isibhicongo esigcwele ukuchitheka kwegazi kwidolobha lonke kwisikhashana kube khona inkulumo emfushane.
Bulala isono esikuwe, ngaphambi kokuba isono esikuwe sibulale abaningi. Khumbula INobhi.