God’s will for big decisions
Ziningi kakhulu izinqumo ezinkulu empilweni ukuthi ungavele uhambe nje unokwazi okufushane kwentando kaNkulunkulu. Izifiso zethu zokuba nemoto, indlu enhle, ukushada, ukuqala ibhizinisi, ukuyohlala kwelinye idolobha noma izwe, ukushintsha amabandla, nezinye eziningi ezifuze lezi zonke zidinga ukulinginiswa ngokucophelela ngokuziqhathanisa nentando kaNkulunkulu.
Kodwa hhayi ngomqondo womlingo walabo abakhonza izithombe wokukhuleka uze uzizwe ungcono, noma ufune uze utolike izimpawu ezithize, hhayi nangendlela egxile kakhulu ekwenzeni izinto ngokuzimisela nje, yokuphinda uqhubeke ungayeki kuze kube kukhona okukuvimbayo; futhi hhayi nangendlela yokuhlala nje ulindile kuze kube kukhona okunye okwenzekayo okukukhombisa indlela okufanele uhambe ngayo. Kunalokho, sidinga ukwehlisa ijubane lapho senza izinqumo ezinkulu, siqonde kahle intando kaNkulunkulu.
Ukwenza intando kaNkulunkulu engakaqiniseki kwizinqumo zethu, sidinga ukulandela leyo ntando Yakhe esivele imbuliwe yokuthi uqhubekela kanjani phambili. Kuqala ngokubona ukuth sidinga ukuqonda intando Yakhe (Kholose 1:9) ngaphezu kokuyithola noma sibe nomzwela wayo. Lokhu kubona kumele kusijube kuNkulunkulu ngomkhuleko ukuba sithobeke futhi sifundiseke. Bese-ke, simele sivule Izwi likaNkulunkulu, sifune amavesi akhuluma ngqo ngodaba esibhekene nalo kuqala, bese-ke futhi nakweminye imigomo engokweBhayibheli yobuhlakani nolwazi efanelekile kwisimo. Maqondana nalokhu isikhathi esiningi sidinga usizo, ngakho sidinga ukubona ubuwula bethu (Izaga 12:15) futhi simelwe sisheshe ukubuza kubaholi bethu bokomoya ukuthi imiBhalo isibheka kanjani lesisimo (Hebheru 13:17). Kusemveni kwalapho-ke singathi ukuba nesiqiniseko sokuthi iyini intando kaNkulunkulu (Kholose 4:12).
Imibuzo esizama ukuyiphendula kuwona wonke lomgudu yilena elandelayo:
- Ngakube kuyisono noma kulungile righteous? IHubo 37:27. Ungoni, ngokuqinisekile yenza ukulunga
- Ngakube kunobuhlakani noma ubuwula? UMshumayelo 8:5. Ungabi yisiwula, kodwa hlakanipha
- Ngakube yinto ongayithanda? UMshumyaeli 3:12-13 yithokozele impilo
Kuze kube kwisikhathi lapho singaphendula khona lemibuzo ngokuqonda okucacile kweBhayibheli, sidinga ukubuyela emkhulekweni esiqale ngawo wokuba sibe ngabafundisekayo, bese-ke sikhulisa ulwazi lweZwi likaNkulunkulu siphokophelele ubuhlakani balabo abangcwele.
Ungavumele umuzwa wokuthi kuyaphuthuma ngaphezu kwalokho okubalulekile.
