The one earthly thing not destroyed by the curse
U-Mshumayeli ulilela isimo esibi sempilo yasemhlabeni ( U-Mshumayeli 1:2). Selokhu kwangena isono emhlabeni uma sifunda kuGenesisi 3, Imvelo iyabubula, ilangazelela izinsuku ezingcono ( kwabaseRoma 8:21-22), izinsuku ezifuze lezo sesikhathi sasensimini yaseEden kuGenesisi 1 no 2. Lezo kwakuyizinsuku ezazi ngaphambi kokuba yonke into yoniwe yisiqalekiso. Lezo kwakuyizinsuku lapho konke “kwakukuhle kakhulu”
Isibonelo, ngaphambi kwesiqalekiso sakuGenesisi 3, kwakukhona umsebenzi omuhle, onemiphumela emihle, othokozelekayo ( Genesisi 2:15), kodwa ngenxa yesiqalekiso umsebenzi wabe usuba buhlungu ( Genesisi 3:17) futhi awangabe usagculisa ( U-Mshumayeli 2:11). U-Mshumayeli uthatha zonke izinto ezinhle zempilo, bese ekhombisa ukuba kwenzeke kanjani ukuba yonke into ingabi nomqondo ocace kahle , ingagculisi,futhi ibe yizeleze.
Kodwa kunento eyodwa eyayikhona kwiNsimu yase-Edeni engazange yonakaliswa yisiqalekiso. Ngokubuka ukwenzeka kwezinto emhlabeni namhlanje ungake ucabange ukuthi nayo yaqalekiswa—mhlawumbe kakhulu ukudlula ezinye izinto—kodwa kungabe ushaye eceleni uma ucabanga kanjalo. Lento eyodwa iphakanyisiwe kuMshumayeli njengayonanto egcwele umqondo ocacile kahle nenjabulo nentokozo ngaphezu kwazo zonke izinto eziyize leze. Lento eyodwa ithole ukuba nencwadi ephelele eBhayibhelini ebophezelwe ekukhulumeni ngayo nje! Lento eyodwa iyona enezwi lokugcina kwiNsimu yase-Edeni ngaphambi kokuba kungene isilingo sokuthi kwenziwe isono.
Lento eyodwa umshado.Inhlaziyo evela ezulwini ehlaziya umshado yiyo eyaba yizwi lokugcina kwiNsimu yase-Edeni eyayinganindiwe yisono ( Genesisi 2:24-25). Umshado yiyonanto eyelapha injabulo kulomhlaba ogcwele inkathazo ( U-Mshumayeli 9:9). Umshado yisona kuphela isihloko esikhuluma ngento yasemhlabeni uNkulunkulu asenzele incwadi yaso sodwa ( Isihlabelelo Sezihlabelelo). Ngisho nevesi elixhumanisa isiqalekiso nomshado alichazi lokho abanye abafuna ukuthi likuchaze (cindezela la here ukuthola incasiselo kulokho okubonakalo njengesiqalekiso kubantu besifazane ukuba bafune ukubusa abayeni babo
Impela, yiSihlabelelo Sezihlabelelo esisikhombisa ukuthi leliphasela lomshado liselihle kangakanani! Ungakuphikisa lokhu ngokuthi uthi umshado uyabheda kakhulu kulomhlaba, kodwa yilapho impela la uzobe uphambuke khona. NgokweMibhalo, izinkinga zasemshadweni aziveli ngenxa yokuba yinkinga komshado. Umshado usamsulwa njengalesikhathi uNkulunkulu ewenza ngokwecebo lakhe. Umsebenzi waqalekiswa, ukubeletha nakho kwaqalekiswa, kodwa umshado awuzange waqalekiswa. Umshado wasinda kwisiqalekiso ngokobuhle bawo obugcwele. Isihlabelelo Sezihlabelelo sifakaza ukuthi indoda eyisoni nowesifazane oyisona bayayeka ukusebenzisa umshado ukuthola uthando, esikhundleni salokho basebenzisa umshado ukudalula uthando, lapho-ke umshado uba njengeNsimu yaseEdeni kulomhlaba oqalekiswe ngesono (Isishlabelelo Sezihlabelelo 4:12-5:1)
Imishado yabantu abaningi iyakufakazela ukuba khona kwemiphumela yesono, kodwa lokho kungenxa yabantu abakuwona umshado, hhayi ngenxa yobunjalo bomshado qobo lwawo.Umshado kumele uphathwe njengedayimane elihle ezandleni zabantu abagcwele ukona ( Hebheru 13:4). Ukususa izinkolelo eziyize nezingasho lutho izwe eselininde ngazo umshado, indoda ngayinye mayithande umkayo, nomfazi athobele umyeni wakhe ( Efesu 5:33). Umshadikazi ngamunye makazinikezele qobolwakhe kulowo ashadelwe naye ( 1 kwabaseKhorinte 7:3). Ngamunye kubashadikazi bakubekhona ukufunana ngokulangazelela lowo oshade naye ngazindlela zonke ( Isihlabelelo Sezihlabelelo 3:1-4). Makube khona ukuhlanganyela ekufunaneni omunye okomunye ( Isihlabelelo Sezihlabelelo 1:4). Makubekhona ihaba ngokweqile ngothando ( Isihlabelelo Sezihlabelelo 4:7) kunokuthi kulokhu kukhona ukuxabana kubangwa amaphutha.
Ungalinge unake imicabango ngobubi bomshado, ngoba abukho. Esikhundleni salokho, bona ukungabibikho kokudalula uthando njengechashaza lokungcola elikhulu kwisipho esihle kangaka esivela kuNkulunkulu.