Sebenzisa le-post yanamhlanje ngesikhathi sakho noNkulunkulu, bese ulingisa isimo sayo, ngisho nokuyibhala ngendlela efuze lena, lokhu ukwenze impilo yakho yonke.


FUNDA

Amahubo 47:1-9

THANDAZA
Baba Osezulwini.
Ufanelwe ukudunyiswa!
Thina, abantu bakho sibizelwe ukukudumisa. Siyacela usenze sikwenze ngezinhliziyo ezigcwele injabulo.
Sigcwele ukubonga Nkulunkulu,
Ngakho konke osenzele kona, engathi ukumemeza kwethu kokudumisa kungathelela nalabo abaseduze nathi.
Uphakame  futhi uyababazeka, unamandla onke futhi uyiNgcwele futhi ufanelwe yindumiso yethu.
UyiNkosi phezu komhlaba wonke, wena wedwa uyabusa.
Nkulunkulu, siyadinga ukukhunjuzwa ukuba sikudumise. IZwi Lakho liyakwenza lokho.
Amen!

CABANGA UJULE

Unamandla kangakanani futhi ufanelwe yindumiso kangakanani uNkulunkulu wethu? Kungenzeka uyazibuza. Bheka indaba kuEksodusi, lapho uzobona ukuthi ukuthi unamandla kangakanani uNkulunkulu wethu. Uma ungake ubuz umkhuzi webutho ngokuyalela amasosha ayizigidi ezimbili, ukwenza abe sendaweni efanele ngesikhathi esifanele ukuba azolwa impi noma izimpi, angakutshela ukuthi kuyinto enzima kakhulu ukuyihlelela.

Uzokutshela futhi ukuthi kungokuzilungiselela. UNkulunkulu wanyakazisa abantu abayizigidi ezimbili, iningi labo kwakungabesifazene nezingane. Ngakube babezilungiselele kangakanani? Ababekutsheliwe nje wukuthi bafake izibhadada ezinyaweni zabo  nezingubo zabo.

Ngakube bamudumisa? Cha! Bakhalaza bafisa engabe abazanga baphuma eGibhithe. Amahubo 47 ayisikhumbuzo kithina ukuthi simelwe ukumudumisa uNkulunkulu wethu. Kuvesi lesi-6, kuphindwa amahlandla amane ukuthi sifanelwe ukumunikezela udumo uNkulunkulu

Hubelani uNkulunkulu, mdumiseni!

Hubelani iNkosi yethu, hubani!

Amahubo 47:6


Kuzona zonke izahluko zeZwi likaNkulunkulu ozifundayo, khuleka ngokwesifundiso saso, bese ubhala lokho odlinze ngakho okuyizihloko ozithathela kuzona bese uyakwabelana nabanye.

Isibonelo esingenhla senziwe ngomunye oyilungu lebandla esikulo, futhi siyisibonelo salokho sonke esingakwenza phambi kukaNkulunkulu nokwenzelana omunye nomunye.